Ibhalwe ngu Louis van Vuren, iCEO yeFISA, yabe isitolikwa nguMoyomuhle Maphanga iCandidate Attorney yaseRumana Mahomed Attorneys
Nazi izifundo ezimbili zempilo yangempela ezibonisa izinselelo ezingavela:
Isifundo sokuqala
Indoda ethile, asiyibize ngoKhaya, yayifuna ukuqinisekisa ukuthi umkayo uzoba nendawo yokuhlala ngemva kokushona kwayo. Incwadi yefa lakhe yayishiya lonke ifa lakhe ku-Trust okukhona kuyo amadodakazi akhe amabili kuphela njengabazohlomula kuyo, okuncike kuyo ikhaya alishiyela unkosikazi njengendawo abazohlala kuyo aze edlule emhlabeni. Kuzwakala kukuhle kuze kube manje.
Akukho okunye okwakushiyelwe unkosikazi kanti lokhu kwacaca ngokudlula emhlabeni kukaKhaya nokuyinto engazange imthokozise umfelokazi. Wafaka isimangalo semali engaphezubkuka-R6m ngokumelene nefa likaKhaya ongasekho ngaphansi koMthetho Wokunakekelwa Kwabashadile Abasaphila, 27 ka-1990. Lo mthetho uhlose ukuvikela abashadikazi abasaphila ukungaphucwa ifa lezithandwa zabo lapho bengenayo enye indlela yokuzondla. Kodwa-ke, uhlulekile ukucacisa ukuthi ufika kanjani kulesi samba asifunayo.
Amadodakazi amabili okuyiwona aphethe ifa ngaphansi kwe-Trust, aba nomqondo omuhle wokuqoka i-ejenti enolwazi eyayizokwenza umsebenzi wosuku nosuku wokuphatha ifa. Ngokwezikhundla zawo njengabaphathi be-Trust, amadodakazi afaka isimangalo sika-R4m ngokumelene nefa elisele sekuvela isikweletu semali eyabolekwa wuyise ku-Trust efuna ukuthenga indlu ezohlala umfelokazi wakhe ngenxa yezinsolo zokubolekwa yi-Trust kuyise ukuze athenge indlu umfelokazi athola ilungelo lokuhlala kuyo impilo yakhe yonke. Uma zombili lezi zimangalo zikhokhelwa, ifa belingeke likwazi ukukhokhela izikweletu.
Umfelokazi owayengeyena umama walawa madodakazi wanikela enkantolo enkulu ukuze ikhiphe umyalelo wokuthi amadodakazi amabili akhishwe njengabaphathi befa. Uveze ukuthi banokungqubuzana kwezintshisekelo. Inkantolo ayizange ikujabulele ukuthi icala elifuze leli, ebelingaxazululwa ukube zonke izinhlangothi zenza ngendlela ephusile, lifinyelele enkantolo. Inkantolo iyalele ukuthi amadodakazi amabili akhishwe esikhundleni sokuba abaphathi befa njengoba ayexabene kakhulu ngokuthi kucutshungulwe izimangalo ezimbili eziphikisanayo ezizoba nomthelela ekutheni azohlomula kangakanani efeni likayise.
Isifundo sesibili
Omunye umlisa, asithi uLiyolo, wayenomhlaba owawunendlu yezivakashi. Uphathina wakhe, uNoluvuyo, nguye owayephethe indlu yezivakashi kanti nencwadi yakhe yefa yayivumelana nalokho inqobo nje uma engahlala kule ndawo ngemva kokushona kwakhe ngaphandle kokukhokha irenti aqhubeke nokuphatha indlu yezivakashi. Umhlaba wabiwa ngokulinganayo phakathi kukaNoluvuyo nendodana kaLiyolo, u-Olwethu. Imali engenayo (inzuzo) yendlu yezivakashi yayizohlukaniswa ngokulinganayo phakathi kuka-Noluvuyo no-Olwethu. Nokho, uma u-Olwethu ekhetha ukuhlala kwesinye sezakhiwo ezikule ndawo, wayezolahlekelwa ilungelo lakhe lokuthola ingxenye yenzuzo yendlu yezivakashi. Enye ingxenye yefa nayoyahlukaniswa ngokulinganayo phakathi kuNoluvuyo no-Olwethu.
Lokhu kuzwakala njengesixazululo esiqondile sokunakekela bobabili uNoluvuyo no-Olwethu. Encwadini yakhe yefa u-Liyolo uphinde waqoka uNoluvuyo kanye nomeluleki wakhe wakudala wentela, u-Thandi, njengababi befa lakhe. Ngesikhathi belawula indaba yefa eseshonile uNoluvuyo no-Thandi baba nemibono ehlukile ngodaba luka-Olwethu ngokwencwadi yefa. Benqaba futhi nokunikeza u-Olwethu ulwazi mayelana nokuphathwa kwefa kanye nemali engenayo ngokusebenza kwendlu yezivakashi, ngoba bethi indlu yezivakashi ayiyona impahla yefa. Bathi uLiyolo ukubeke ngokusobala ukuthi uNoluvuyo uyena ohamba phambili ngakho konke okumayelana nendlu yezivakashi nokuthi u-Olwethu uzozuza kuphela ingxenye yempahla ekhona hhayi indlu yezivakashi.
U-Olwethu waya enkantolo ukuze abakhiphe njengabahluleli ngenxa yokungqubuzana kwezinjongo zikaNoluvuyo, nokungabi nomgogodla kukaThandi, kanye nokuthola incazelo efanele ngencwadi yefa. Inkantolo ivumelane no-Olwethu ukuthi naye ungumnikazi wendawo, unelungelo lokuthola ingxenye yenzuzo yendlu yezivakashi futhi wayezolahlekelwa yiyo kuphela uma ethuthela kwesinye sezakhiwo ezikule ndawo. Inkantolo iphinde yasusa abaphathi abalawula ifa ngenxa yokungqubuzana kwemibono nokungachemi.
Isiphetho
Lawa macala womabili, angaphambi kwenkantolo enkulu ashiyana ngeminyaka engaphansi kwemine, abonisa amaphuzu abaluleke kakhulu:
● Ingozi yokungqubuzana kwezinhloso zenzuzo igqama kakhulu uma wenza isihlobo esiseduze, oshade naye noma uphathina wakho ophilisana naye abe ngumabi wefa lakho, ngaphandle uma oshade naye ezuza lonke ifa lakho.
● Thola izeluleko zochwepheshe noma nini lapho kukhona umuntu wesibili oshade naye noma izingane zasothandweni lakudala zikhona.
● Thola usizo lochwepheshe ukuze ubhale incwadi yefa ukuze ugweme izingxabano mayelana nokutolikeka kwayo.
● Umabi wamafa woshonile kanye nomphathiswa ku-trust babekwe esikhundleni sokwethenjwa futhi bangaphansi kwesibopho sokwenza izinto ngendlela engachemi ukuze kuzuze ifa noma i-trust nabo bonke abangase bazuze kulo.