INCONYWE ngokuba nokuthula ingqungquthela ye-ANC eMpumalanga, ekhethe ubuholi obusha ezosongwa nguMengameli Cyril Ramaphosa namuhla.
SAMUKELWE ngezandla ezifudumele isinqumo sikaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana sokwehlisa ilitha likaphethroli ngo-R1.50 izinyanga ezimbili.
Le ngqungquthela ebiseWitbank Dam, Emalahleni, ikhethe uMnuz Mandla Ndlovu kwesikaSihlalo, iPhini likaSihlalo kwaba nguMnuz Speedy Mashilo, kwesikaNobhala kwangena uMnuz Muzi Chirwa kanti iPhini likaNobhala kube uNksz Lindiwe Ntshalintshali, kwesikaMgcinimafa kwabekwa uMnuz Mandla Msibi.
UMsibi kuzodingeka ahoxe kulesi sikhundla aze atholwe emsulwa enkantolo ngenxa yecala alihambayo.
UMsibi obengungqongqoshe wezoLimo eMpumalanga, kodwa waxoshwa emuva kokuboshelwa izinsolo zokubulala.
Ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Ronald Lamola, uncome ukuthula kule ngqungquthela.
“Siyethemba ukuthi nakwezinye izifundazwe kuzoba esifanayo njengoba kusazobanjwa izingqungquthela.”
Nenhloko yemikhankaso kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, income ukuhamba kahle kwale ngqungquthela, yathi lapho kube nezinkinga khona, bazilungisile.
I-ANC imatasa nezingqungquthela zezifunda nezifundazwe njengoba kuwunyaka okuzokhethwa nobuholi obusha kuzwelonke.