UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, izolo uthe kunenqwaba yabasebenzi bezempilo abahlala ezikhungweni ezingaphakathi ezibhedlela nasemitholampilo kungasafanele.
Uthe lezi zikhungo ezikhokhisa kancane ngezokuhlala abasebenzi abahlala kude nalapho besebenza khona noma abanezinkinga ezithile.
“Abasebenzi abahlala kulezi zindawo baba nesivumelwano seminyaka ethile naleso sikhungo abasebenza kuso. Esikutholayo ukuthi kunabantu abahlala kulezi zindawo kuze kuphele iminyaka eyishumi, abanye baze bathathe umhlalaphansi ekubeni kunabasebenzi abasebencane abasuke beyidinga indawo yokuhlala. Lezi zindawo azenele ukuthi bonke abafisayo ukuhlala kuzo bavunyelwe ukuthi bahlale. Kusetshenziswa uhlelo oluthile lokuhlunga abafanele ukuhlala, nabo akusho ukuthi bazohlala unomphela kodwa bakalelwa isikhathi. Kuleso sikhathi kusuke kucatshangelwa ukuthi leyo nkinga umsebenzi abenayo iyobe isilungile. Sithole ukuthi kunabahlala ezikhungweni zokuhlala zezibhedlela abangasasebenzi kuzo okuyinto engavumelekile,” kuchaza uNkk Simelane-Zulu.
Usho kanje ngemuva kokuthi ebuzwe ngabasebenzi basesibhedlela eWentworth okuthiwa baxoshiwe endaweni ehlala abasebenzi ekulesi sibhedlela. Imibiko ibithi bakhishelwe ukuthi kufakwe odokotela abebefunda eCuba.
“Ukukhishwa kwabasebenzi okungafanele ukuthi bahleli kulesi sibhedela akuhlangene nodokotela baseCuba futhi abakhishwa kulesi sibhedlela kuphela kodwa bakhishwa kuzo zonke izikhungo zezempilo uma kutholakale ukuthi akusamele ukuthi bahlale khona futhi lokho kusazoqhubeka,” kusho yena.
UNkk Simelane-Zulu usho lokhu esithangamini sabezindaba ebesibizwe uNdunankulu walesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, izolo.
Ubuye wacacisa ngodokotela abangu-27 baseCuba abasebenza kulesi sifundazwe wathi bazoqhubeka basebenze kulesi sifundazwe noma izibalo zabahaqwa yiCovid-19 sezehlile.
“Labo dokotela bayasisiza kakhulu ngoba iningi labo bangodokotela abakwaziyo ukubhekana nokubheduka kwezifo kanti bayashoda esifundazweni. Emkhakheni wezempilo ozimele bakhona kodwa imali abadinga ukukhokhelwa yona asikwazi ukuyikhokha njengomnyango, yikho sikhethe ukugcina laba. Okunye okwenza ukuthi sibagcine ukuthi sisafuna ukubona ukuthi leli gciwane aliphinde libuye ngamandla yini njengoba imithetho yokuvalwa kwezwe isixegisiwe,” kusho uNkk Simelane -Zulu.
UZikalala uthe ukwehlela esigabeni sokuqala sokuvalwa kwezwe akusho ukuthi izwe selivuwe.
Uqhube wathi imisebenzi eminingi esigabeni sokuqala kuvumelekile ukuthi yenziwe njengoba nabasebenzi bonke bakahulumeni kumele babuyele emsebenzini.
“Abaphathi balawo mahhovisi kahulumeni abesavaliwe kumele benze izinhlelo zokuthi kuzosetshenzwa kanjani ngoba kusadingeka ukuthi abantu baqhelelane,” kusho uZikalala.