IYAQONGA impi yokulwa nokuvalwa kwebhange elilengelwa yizembe, Ithala, KwaZulu-Natal njengoba lolu daba selungenwe ngamadlelandawonye ne-ANC esifundazweni.
La madlelandawonye, okuyiSanco, Cosatu, SACP ne-ANC, azonikela enkantolo eyozwakalisa ilaka lawo mayelana nalo mnyakazo wokuvala Ithala.
Lezi zinhlangano zisole ipolitiki emizameni yokuthi kuvalwe leli bhange ngoba abasebenzi bazolamba.
UNobhala we-ANC e-KZN, uMnuz Bheki Mtolo, uthe bebehlangene bengamadlelandawonye bebhunga ngezinto ezehlukene ezifaka nezinselelo ezibhekene neThala.
Uthe bafuna kuqiniswe ukusebenza kwaleli bhange, hhayi ukuthi livalwe ngoba amakhasimende alo angu-270 000 azothwala kanzima.
“Leli bhange lisiza abantu abamnyama ngokubaboleka imali yokukwazi ukusiza amabhizinisi abo. Asihambisani nemizamo ye-Prudential Authority yokuya enkantolo ifuna livalwe. Imindeni yabantu abangu-270 000 izovalekelwa imali okuzokwenza ukuthi ingakwazi ukwenza lutho. Sizobhikisha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu uma sekulalelwe lolu daba,” kusho uMtolo esithangamini sabezindaba izolo eThekwini.
UNobhala weCosatu e-KZN, uMnuz Edwin Mkhize, uthe bakhalela abasebenzi ababalelwa ku-400 abazophelelwa ngumsebenzi ngenxa yesinyathelo sokuzama ukuvala leli bhange.
“Ngeke sisonge izandla kodwa sizolwa nalesi sinyathelo. Uma kukhona inkohlakalo eyenzekile eThala, izinhlaka zomthetho aziphenye kodwa kungaze kuvalwe thaqa ibhange ngoba baningi abantu abangeke bazi ukuthi bazosizakala kuphi uma befuna ukuboleka imali,” kusho uMkhize.
UNobhala wamaKhomanisi esifundazweni, uMnuz Themba Mthembu, ukuchithile ukuthi ukuvalwa kwaleli bhange kwenzelwa ukuvikela imali yamakhasimende.
“Amanga lawo. Kunenhlese yezepolitiki ekuvalweni kwebhange Ithala. Kunomlando kuleli lizwe wokuzama ukuvala wonke amabhange amancane, okwenziwa amabhange amakhulu ezweni. Lokhu okubikwayo akukhona ngoba kudala sakubona ukuthi lokhu kuhambisana nemizamo yokushaqa amakhasimende aye kwamanye amabhange amakhulu,” kusho uMthembu.
Amadlelandawonye aphinde aphefumula ngesimo esenzeka emayini, i-ArcelorMittal, eNewcastle lapho ethe ukuvalwa kwale mayini kuzoqeda imisebenzi engu-1 300.
“Lokhu kuzokwandisa izinga lokungasebenzi elivele lidlangile esifundazweni. Umkhakha wezimoto, othembele emkhakheni wensimbi, uzoshayeka kakhulu ngokuvalwa kwale femu,” kusho uMtolo.
Uthe bazoqinisa umbhikisho oqhubekayo ngaphandle kwale mayini kusasa.
Uveze ukuthi ngempelasonto bazohlangana nomphakathi ohlala endaweni eyayinezimayini eDannhauser lapho bezolalela khona izikhalazo zabo.