IFANISWE negugu lesizwe inyunyana yothisha iNational Teachers Union (Natu) ebigubha iminyaka engu-102 yabunjwa.
Umgubho ubuseMadadeni, eNewcastle ngoMgqibelo.
Ubuhanjelwe ngamalungu avela kulo lonke izwe kukhona noNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga.
Aamalungu abedansa injabulo ibhalwe emehlweni. Kubaculi abebenandisa bekukhona uNtencane, Sbu Noah, uDJ Mngadi nabanye.
UNkk Motshekga uhalalisele iNatu wathi iyifa lesizwe futhi kuyabonakala ukuba khona kwayo eMnyangweni wezeMfundo.
“Ngiyanihalalisela Natu senikhule naze nafika eminyakeni engu-102. ENingizimu Afrika uma uke wahlanganisa ikhulu leminyaka, uba yigugu lesizwe nani ngokunjalo. Izimfundiso nesisekelo okwabunjwa ngakho inyunyana ngobaba mkhulu benu nisakubambile,” kusho uNkk Motshekga.
Ubonge amalungu eNatu, ikakhulukazi umholi wayo, uMnuz Allen Thompson, wathi ngaphandle kobuqotho bakhe, bewumnyango bebengeke bawuhlenge unyaka wezemfundo u-2020 ngenxa yeCorona.
Kukhanyiswe amakhandlela kuhlonishwa othisha abayisithupha abangamalungu eNatu ababulawe yiCorona.
UMengameli weNatu, uThompson uthe nakuba zisekhona izinselelo othisha ababhekene nazo kodwa bayaziqhenya ngegalelo labo ekuthuthukiseni imfundo yaseNingizimu Afrika.
“Othisha kabavikelekile ezikoleni. Abakwa Grade R kabakanikwa imali ababethenjiswe yona. Kodwa sibonga othisha ngokuzinikela kwabo ekuthuthukiseni imfundo. Siyabonga nokuthi uhulumeni uzoqasha abantu abangu-300 000 abazolekelela othisha ngenhloso yokulungisa umonakalo odalwe yiCorona,” kusho uThompson.
Ugcizelele ukuthi bazoqhubeka balwele izimo ezingcono zokusebenza kothisha namaholo.
Umgubho weNatu uqondane nosuku lokuvalwa kwenyanga yothisha u-Okthoba.