LIYINDABA egudwini igama elithi pitbull zinsuku ezweni kanti abantu behlukene phakathi. Kukhona abathi ayilale, abanye bathi ayivuke njengenkomo yomqhoyiso.
Lokhu kwenzeka ngemva kwesigameko esinyantisa igazi lapho u-Olebogeng Mosime oneminyaka eyisshiyagalombili, ehlaselwe yinja yohlobo lwepitbull yambulala eVista Park, eBloemfontein, eFree State.
Kube nemvunge ezweni abanye baphakamisa ukuthi kuqedwe nya, ngalezi zinja futhi kube nomthetho avala ukufuywa kwazo. Umkhankaso wokuqeda ngamapitbull uholwa yinhlangano iSizwe Kupelo Foundation, enxenxa abantu ukuba bayixhase ngobuningi babo ukuze isikhalo sizwakale kwabakhulu.
Ezinkundleni zokuxhumana inkulu inkulumompikiswano, abanye bafaka izithombe zepitbull bethi abafuni lutho ngezinja zabo, bathi ziyabavikela ezigebengwini ezibhokile.
Yini iPitbull?
Isizindalwazi iLove-A-Bull sichaza ipitbull njengohlobo lwenja eyaqala ukuba khona ngeminyaka yo-1800 e-United Kingdom. Incazelo iveza ukuthi lolu hlobo lwazaleka lususelwa kwi-American Bulldog. Esinye isizindalwazi iBritannica siveza ukuthi zazaleka ngengxube yezinja ezimbili, ibulldog neterrier, zenzelwa ukuzingela nomdlalo wokuqhatha izinja.
Isizindalwazi iHill’s ichaza kabanzi ngendlela ipitbull eyakheke nebukeka ngayo eyenza yehluke kwezinye izinja. Bathi lolu hlobo lwenja luba yisidlakela ngendlela esabisayo, iyabonakala ukuthi inamandla uma uyibuka. Baveza ukuthi ayidlile ngokuba yinde ukuya phezulu kodwa ithanda ukuba yinde kancane ukusuka ekhanda uya emsileni. Iba namehlo amancane namadlebe angathi anqundekile.
IBritannica iqhuba ithi ipitbull iwuhlobo olumandla nomdlandla kakhulu, kufuneka oyifuyile aqaphele ukuthi ucingo abiye ngalo luqine ngokwanele. Baveza ukuthi iyawazama amaqhinga okweqa noma izame ukudlubulundela iputshe ngaphansi kwalo. Kuvela ukuthi kufanele ihlale inikezwa isikhathi sokuzivocavoca noma idonse into esindayo.
Isizindalwazi se-dogtime.com siveza ukuthi iwuhlobo lwenja olufuna ukugadwa luqeqeshwe ukugwema ukuthi idlebeleke ibe nodlame kubantu.
Isizindalwazi i-thesprucepets ichaze izinhlobo ezehlukene zepitbull yathi ziyisihlanu sezizonke. Bathi izinto ezivame ukufana ngazo wukuba namakhanda amakhulu abukeka eyisikwele bese isifuba kuba sengathi sishone phakathi.
Eyokuqala inhlobo yepitbull yi-American bully, yaqala ukuba khona phakathi kweminyaka yo-1980 kuya ku-1990 yemukelwa yi-American Kennel Club ngo-2013. Eyesibili yi-American pit bull terrier eyaqala ukuba khona ngeminyaka yo-1900 idabuka e-United Kingdom. Eyesithathu yi-American Staffordshire terrier eyaqala ukuba khona ngo-1900, e-England.
Eyesine yiStaffordshire bull terrier eyavela ngo-1900 ngesikhathi kubhoke umdlalo wokuqhatha izinja. Eyesihlanu yi-American bulldog ivela kuma-English bulldog aqala ukuba khona ngo-1700.
AbeNSPCA bakhiphe isitatimende becacisa ukuthi nakuba bemele inhlalakahle yezilwane kodwa bakubeka phambili ukuphepha kwabantu ezilwaneni eziyingozi. Bathe bakuqaphele ukuthi kunemibiko yabezindaba eveza ukuthi izinja ezingamapitbull zihlasela abantu bathi akubona bodwa abantu kodwa nezinye izilwane zihlaseliwe yizinja.
Bathe babona ukuthi ukwehluleka kwabantu ukuphatha izinja ngendlela efanele kubeka impilo yabanye nezinye izilwane engcupheni. Baveze ukuthi basaqhubeka nokunxusa ukuthi uma umuntu engasayifuni inja yakhe ayihambise kubona bayinakekele kunokuthi igcine iba wuvanzi ihlupha abantu.
Isitatimende sigcizelela ukuthi kuwumthwalo womuntu osuke efuye isilwane esiyingozi, ukuba asinakekele kuzo zonke izidingo zaso singagcini sidala inkinga kubantu.