IQEMBU eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK, lichayise i-ANC ebizama ukulinxenxa ukuba libe ingxenye yezingxoxo zokubusa ngokubambisana.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uveze ukuthi iMK izibe izicelo zabaholi be-ANC zokuba kuhlanganwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo, lapho ebekhuluma khona ngokuxoxwe emhlanganweni wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC obubhunga eyokubusa ngokubambisana.
I-ANC isembhidlangweni wokuthola amaqembu ezobusa ngokubambisana nawo njengoba ingazange iwine ngamalengiso ngesikhathi kunokhetho ngeledlule.
IMK ilele isithathu ngokwezibalo zamavoti.
Abaholi beMK sebekusho kaningi ukuthi ngeke baxoxe ne-ANC uma isaphethwe uMengameli Cyril Ramaphosa.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe ubuholi obuphezulu kwi-ANC buzamile ukuxhumana neMK kodwa zangabuya izimpendulo.
“Kube nemizamo eminingi yokuxhumana neMK kodwa ke asikayitholi impendulo. Umnyango uzohlezi uvuliwe kuwo wonke amaqembu afuna ukuyisa izwe phambili. Thina siyi-ANC sizimisele ukuxoxa nawo wonke amaqembu ezepolitiki. Yebo singaba nemibono ehlukene kodwa sinethemba lokuthi singakwazi ukusebenzisana sonke. Thina sibeke phambili izwe.”
UNkk Bhengu-Motsiri uthe sebeziqalile izingxoxo namanye amaqembu athole izihlalo eziningi ePhalamende, iDA, EFF, IFP, NFP nePA.
Uuthe banethemba lokuthi izingxoxo nala maqembu zizohamba kahle.
“Okusinikeza ithemba ukuthi lamaqembu avumile ukuhlangana nathi sixoxe. Lokhu kukutshela ukuthi nabo bafuna ukubona lolu daba luxazululeka. Kodwa ke konke kuzoncika ezingxoxweni. Thina esikufunayo ukuthi kube nohulumeni ozohlanganisa onke amaqembu
“Kuzobe kungekhona okokuqala siba nohulumeni ohlanganisa amaqembu. Ngisho nasezikhathini lapho esasiwine khona ngamalengiso, sasike siwafake amaqembu amancane. Ude Lille (uNkk Patricia) weGood, uyingxenye kahulumeni. UHlengwa (uMnuz Mkhuleko) we-IFP uwusihlalo weScopa (Standing Committee on Public Accounts).”
UNkk Bhengu-Motsiri uthe kujwayelekile ukuthi kube netwetwe uma kunezingxoxo zokubusa ngokubambisana, wathi bazokwenza isiqiniseko sokuthi izingxoxo ziphothulwa ngokushesha.
Namhlanje kuzoba nomhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC ozothatha isinqumo sokuthi imaphi amaqembu abazosebenzisana nawo.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe kuneziphakamiso ezintathu okuzoxoxwa ngazo, nokho angafuni ukuzidalula.
Isolezwe lithole ukuthi isiphakamiso sokuqala esokuthi i-ANC ibambisane namaqembu athole izihlalo, ezinye iziphakamiso zithinta ukusebenzisana ne-DA ne-IFP ngezindlela ezehlukene.