UMKHONTO weSizwe (MK) uthi umethule umthwalo uBonginkosi Khanyile odilizwe esikhundleni sokuba wumholi wentsha yeqembu nabanye abenabo kulolu hlaka lokuhola abantu abasha.
Ukudilizwa kukaKhanyile esikhundleni kumenyezelwe yiqembu lakhe izolo ekuseni ngencwadi. UKhanyile uchithwe noGazuzu Nduli obengumdidiyeli waseGauteng. Kuchithwe noThapelo Maisha obeyiphini likamengameli.
Isolezwe lizibonile izincwadi ezithunyelelwe laba baholi bentsha baziswa ukuthi baxoshiwe futhi kufanele balinde iqembu ukuthi lizobajuba kuphi.
UMkhonto weSizwe okuphuzwa ngawo itiye kulezi zinsuku, umenyezelwe owayengumengameli uJacob Zuma ngoDisemba nyakenye. UZuma washingila wachizela uKhongolose ethi akasahambi nawo useqome iMK azoya nayo okhethweni.
UKhanyile owaduma emkhankasweni i#FeesMustFall, ubeqokelwe esikhundleni ngoJanuwari nonyaka njengoba esechithwa manje.
Okhulumela uMkhonto weSizwe uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe banqume ukubadedela abaholi bentsha ukuze bakhankase kahle ezinhlakeni zentsha.
“Kufanele babhekane nomsebenzi wokukhankasa kubantu abasha ukuze beseke uMkhonto weSizwe. Bekufanele sibethule umthwalo ukuze bakhankase kahle bengaxakwe yilutho. Khumbula phela nokuthi akekho umuntu onesikhundla, noma wubani angashintshwa nanini, sonke nje sihlala silindile,’’ kusho uNdhlela.
Kuthe kusabatshazwa lokho kokuchithwa kukaKhanyile nabanye, kwavela ukuthi uMinenhle Cibane obengunobhala-jikelele wesikhashana naye uchithiwe. UKhanyile wayeyilungu le-EFF elivuthayo, wasuka kuyona waya kwiPatriotic Alliance egcine imxoshile.
Uthushuke eqenjini iMK lapho afike wanikwa khona isikhundla lesi asediliziwe kusona. UKhanyile ubesanda kuba sematheni ngezinto ahambe ezisho emphakathini.
Kukhona lapho ashutshwa khona ekhaca abantu ngolaka ebabiza ngabadayisi. Kukhona nalapho akhuluma khona ngesankahlu ecaza izikhundla eqenjini ethi uZuma wuyena ngqo shishilizi.
Kwenzeka konke lokhu nje, iMK isematheni emuva kokuthi uZuma enqobe icala abelifake enkantolo emangalele inhlangano eyengamele ukhetho i-IEC. UZuma uphume phambili kade ekhala ngesinqumo se-IEC sokumnqabela ukuthi aye ePhalamende uma bethola izihlalo.
UKhanyile uzanywe kaningi ocingweni lungangeni.