ONINA bezingane abasebenzayo abaningi kuyaphoqeleka ukuthi bayeke ukuncelisa izingane zabo uma sebebuyela emsebenzi ngemuva kwekhefu lokuyobeletha.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe emhlabeni bangaphezulu kuka-500 million omama abancamela ukuyekisa izingane zabo ibele uma sebebuyela emsebenzini ngenxa yokuthi imithetho ekhona ayikuvumeli ukuthi umama wengane ancelise ingane uma esemsebenzini.
UMqondisi wale nhlangano uDkt Tedros Ghebreyesus, usho lokhu esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba esiqondaniswe nokuthi izolo bekuphela isonto lokukhuthaza omama ukuthi bancelise izingane zabo ibele kuphela, okungenani ezinyangeni zokuqala eziyisithupha, iBreastfeeding Week.
“Ikhona inqubekela phambili ngokunceliswa kwebele eseyenzekile kule minyaka eyishumi. Kule minyaka ukuncelisa ibele kwenyuke kusuka ku-10% kwenyukela ku-48%. Yize kunjalo ngibona sengathi kuzoba nzima ukuthi sifinyelele ku-70% esizibekele wona ngo-2030,” kusho uDkt Ghebreyesus.
Uthe kusenzima ukuthi omama abasebenzayo bancelise izingane zabo ibele kuphela ngoba imithetho elawula ukusebenza ayimvikeli umama ofisa ukuthi ancelise ingane yakhe ibele kuphela noma esebuyele emsebenzini ngoba asikho isikhathi esibekiwe emsebenzini angakwazi ukwenza lokhu ngaso.
Uqhube wathi ucwaningo luveza ukuthi nakuba senyukile isibalo sabesifazane abakhetha ukuncelisa izingane zabo ibele ngesikhathi zizelwe kodwa izinga lokuncelisa ibele lehla kakhulu kwabesifazane uma sebebuyela emsebenzini, wathi lowo mthelela ongemuhle ungashintsha uma izindawo zokusebenza zenza omama bakwazi ukuqhubeka nokuncelisa izingane zabo.
Uthe uma kungaba khona inqubomgomo yomsebenzi elungele umndeni njengelivu yokubeletha ekhokhelwayo, ikhefu lokuncelisa, kanye negumbi lapho omama bengakwazi ukuncelisela khona ibele noma ukukhama ubisi kungazuza omama abasebenzayo kanjalo nabo abaqashi.
Uthe lokhu ukusho ngoba omama abanezingane ezincane bayalova uma izingane zigula kudingeke ukuthi kube nomunye umuntu obabambelayo okuphazamisa ukusebenza kanti uma ingane incela ibele ngeke igule njalo.
UNkk Catherine Russell we-Unicef, uthe kubalulekile ukuncelisa ingane ibele kusukela izelwe.
“ Ukuncelisa ibele kuvikela izingane ezifweni ezithathelanayo ezivamile, kuqinisa amasosha omzimba, kunikeze izingane imisoco emqoka izingane eziyidingayo ukuze zikhule kahle. Izingane ezinganceliswanga ibele zinamathuba angu-14 okufa ungakapheli unyaka zizelwe,” kusho uNkk Russell.