KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni iNkoningi Primary, eNtambanana, abafundi bezithela phezu kwesidumbu sikathishomkhulu silenga ngentambo kwelinye lamakilasi, emagcekeni esikole ngoLwesine ekuseni, okukholakala ukuthi uzibulele.
UMnuz Welcome Mathenjwa (43) okuthiwa bekungakapheli nezinyanga eziyisithupha ethathe isikhundla sokuba wuthimkhulu kulesi sikole, kukholakala ukuthi uzilengise ngoLwesithathu ebusuku, njengoba isidumbu sakhe kuthiwa sibonwe abafundi ekuseni, silenga ekilasini obekungafundeli muntu kulo elisondelene nekhishi lapho bephakelwa khona.
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa, ongomunye wabazali bezingane ezifunda kulesi sikole, uthe umufi ngosuku olwandulela okutholakale ngalo isidumbu sakhe, uvalelise othisha ngokubosela inyama, kungekho okusolisayo.
“Kuthiwa ubize othisha wabosela inyama kwamnandi nje ngaphakathi esikoleni kungekho okusolisayo. Ngesikhathi kufika ibhasi eligibela othisha njengoba besebenzisa lona, izimoto zabo bezishiya edolobheni ngenxa yesimo somgwaqo ongemuhle, uthe uzobalandela kukhona asematasa ngakho, uzolandwa wumngani wakhe,” kusho umthombo.
Uthe uphinde wanxusa unogada unogada esikoleni ukuthi naye agibele ibhasi nothisha ayomthengela okuthile edolobheni okusokala ukuthi ubenza izaba zokumqhelisa, efuna ukusala yedwa.
Kuthiwa isimo sibe muncu kakhulu esikoleni kwaphoqa ukuthi othisha nabafundi babuyele emakhaya, kuqhuma isililo.
Lo mthombo uthe kukholakala ukuthi uqale wadla umuthi wokubulala amagundane ngaphambi kokuthi azibulale, njengoba ububonakala ezandleni uchitheke naphansi egunjini okutholwe isidumbu sakhe kulo.
Uthe esinye isijuqu sentambo okukholakala ukuthi kunqanyulwe kuyona azihilele ngayo, beyisesikhwameni sakhe ebesisele ehhovisi. Kuthiwa ngaphambi kokuthi aphase inhlolokhono ethatha izintambo njengothishomkhulu kulesi sikole, ubefundisa kwesinye samabanga aphezulu esikhona endaweni, i-Eminingi High.
UMnuz Zazi Xaba ongusihlalo wesigungu esengamele isikole, uthe namanje basashaqekile ngokwenzekile.
“Akukho nje engikusolile obekudla uthishomkhulu njengoba sigcina ukubonana besihlele ukuthi sibe nomhlangano kusasa (esho namhlanje), lapho besizodingida khona ngezinto ezithinta isikole okubalwa kuzo umcimbi wokuvalelisa abafundi bakwa-Grade 7 nokulungiswa kwesikole,” usho kanje.
Uthe ngokolwazi analo, uthishomkhulu ungowokudabuka eSikhaleni, kanti akubanga lula ukukhuluma namalungu omndeni wakhe kwazise nafike endaweni yesigameko abeqandula ngenxa yezinhlungu zokulahlekelwa yilungu lawo.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi igcine iphunzile.
Njengenjwayelo, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, ugcine engatholakalanga ukuze aphawule. Uthunyelelwe imiyalezo washayelwa kodwa kwacweba iziziba okuyinto esiyinsakavukela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNtambanana asevule odokodo lophenyo ngokufa komuntu.