NKOSIKHONA CELE
KUSADUMA amakhanda kumalungu omndeni wakwaMkhize eNgonyameni, eningizimu yeTheku, ngesenzo sesoka elishise labulala ingane yabo likhala ngokuthi “iyayigangela”
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, uMnuz Mguyo Gumede osagcwele amathafa wakhona eNgonyameni, ubhunyele ngophethroli wabulala intombi yakhe, uNksz Thobile Mkhize, eyisola “ngokumbhangqa”
Umthombo olwazi kahle lolu daba, upotshozele iSolezwe ngoMgqibelo ukuthi uMguyo ulande uThobile endaweni yokucima ukoma yaseMlaza, wamphoqa ukuthi bagoduke njengoba bebekipitile.
Kuthiwa nebala umphoqile baya endlini. Umthombo uthi kuzwakale ukuhilizasana bexabana kakhulu, kungekho obezimisele ngokwehlisa umoya. Ngemuva kwesikhashana, kuthiwa kubonakale isoka seliphuma libaleka umuzi sewusha ubuhanguhangu, uThobile ekhala ngaphakathi. Kuthiwa omakhelwane bazamile ukulekelela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Owesifazane ongumzala kamufi kodwa ongathandanga ukuba adalulwe, uveze ukuthi ubudlelwano bukamzala wakhe nesoka bebungakaze bube buhle. Uveze ukuthi bebephila ngokuklwebhana mihla namalanga.
“Angikaze mina ngibabone abantu abahleli bexabana ngalolu hlobo. Belungekho olwamahhala, njalo bebexabana. Kodwa yinto ebesesingasayinaki,’’ usho kanjena.
Eqhuba uzwakalise ukudumala okukhulu ngesenzo sesoka likamzala, wathi likhombise ukuba nonya olukhulu.
“Lo muntu ushise umzala wami waba ngamathambo. Ibuhlungu kakhulu le nto eyenziwe enganeni yakithi,’’ kubalisa umzala kamufi.
Isolezwe ngoMgqibelo litholile ukuthi ngonyaka odlule usuzophela, isoka limklabhe ngobhushi ekhanda umufi kodwa wasinda kukubi. Kuthiwa kodwa baqala phansi bakhumelana umlotha bathandana futhi balimisa ngesihloko elokuthi eyababili kayingenwa.
Ngonyaka ka-2018, isoka kuthiwa lamgwaza kanzima umufi nakhona futhi limsola ngokuganga. Ngawo futhi unyaka owedlule isoka kuthiwa like lamshisa ngesitofu umufi.
Kuthiwa kuzona zonke lezi zehlakalo umufi ubelimisa ngesihloko elokuthi uyohlukaniswa wukufa nesoka lakhe ngoba ulithanda ngendlela engachazeki, ethi akaziboni ephila ngaphandle kwalo.
UMnuz Bhekuyise Mkhize, uyise kamufi ubabaze isihluku abulawe ngaso umntanakhe. Uchaze isoka lendodakazi njengowesilisa ononya olukhulu. Uveze ukuthi uzame konke okusemandleni akhe encenga indodakazi yakhe ukuba ihlukane nesoka ngoba liwumhlukumezi kodwa indodakazi beyinqaba.
“Ngizame konke okusemandleni ami ukubahlukanisa kodwa ukukutshela iqiniso, ngigcine ngehlulekile. Indodakazi yami ibimthanda kakhulu lo mfana. Ibize ilimise ngesihloko elokuthi bayohlukaniswa wukufa,’’ usho kanjena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseMlaza, eBhekithemba, aphenya icala mayelana nesidumbu esishe saba wumlotha ngaphakathi endlini.
“Kutholakale isidumbu sishile sowesifazane ngaphakathi endlini abehlala kuyona. Amaphoyisa aseMlaza asaphenya ngembangela yalesi sehlo,” kusho uLt Col Gwala.