MHLELI: Ngicela Isolezwe ke lilandelele liphenye kabanzi ngenkampani endala kunazo zonke la kwelakithi likaMthaniya, ephisa utshwala besizulu namahewu, okuthiwa idilize inqwaba yabasebenzi ngenxa yokwehla kwezinga lokuthengwa komkhiqizo wayo, iJuba.
Isimo sibi futhi simazonzo kuleya nkampani kangangokuthi sekuze kwavalwa nendawo yayo endala ekhiqiza lona iJuba namahewu aziwa ngokuthi uKhozi.
Le nkampani izinze eKhangela, ingumakhelwane nesibhedlela esikhulu eThekwini iKing Edward. Kuyangidabukisa mina njengomuntu owake wasebenza khona esikhathini esiphambili ukubona le nkampani iwa sibhekile ngenxa nje yobudedengu beziphathimandla eziyiphethe.
Ngiyethemba ukuthi Isolezwe lizokwazi ukulululandela lolu daba lwale nkampani, likwazi nokuthola umnyombo wokuthi kahlehle kwenzakani kuleya nkampani, ukuze amaqiniso ahlale obala.
Ngicela ukuligodla igama lami Mhleli, ngenxa yokusaba ngokuphepha kwami.
Okhathazekile