MHLELI: KwiSolezwe langoLwesithathu, Juni 20, phansi kwesihloko esithi: IDA ivulele uJuju awokucwasa. Ngithi ake ngibeke owami umbono. UMalema ukhuluma ngezinto ezigqitshiwe. Ngesibindi sakhe ngimushayela ihlombe.
Mhlawumbe ngaphambi kokuqale bagijimele ezinkantolo ontabakayikhonjwa, kungakuhle baqale babheke ubuqiniso bale nto ekhulunywa nguJuju, bazenzele ucwaningo, ikakhulukazi ngalezi zindawo ezinabomdabu baseNdiya abaqashe abamnyama. Kungaba yisemalolini, emakhishini, hardware, ezitolo zokudla njalo-njalo. Uma beneqiniso bayobuya, bamxhawule uMalema, bathi wayeqinisile.
Okwe-DA ke khona kuwusizi. Banendlela ebasebenzela kahle kabi yokuphusha abomdabu phambili, ukulwela ububi babo. Ake ngithi uma ucheme nabacwasi ngeke ukubone ukucwasa. Uma ungakubacindezeli ngeke nangengozi uyibone ingcindezelo. Ngicela umphakathi ubathethelele abantu abafana nomfo kaMphithi. Kanti yini wena ongayilindela emntwini olala ngengubo enye nabacwasi? Ngiyolokhu ngasho ukuthi kusezindebeni zomlomo kuphela ukuthi iNingizimu Afrika ibumbene. Hamba uye emapulazini. Uzobona ukuthi abantu bakithi bahlukunyezwa kanjani. Umfo kaMalema ukusho kucace ukuthi, hhayi bonke. Lapho ngimshayela elikhulu ihlombe. Sengathi banganda abaholi abakwazi ukukhuluma ngezinto ezithi zenzeka zibe zifihlwa.