MHLELI: Ngixwayisa umphakathi ngamaqola asebaqedile abantu ethi abadayisela izindawo kanti ayabaqola.
Ngingomunye wabo okhokhe uR25 000 wokubambisa ngoDisemba 11 wangonyaka owedlule ngendawo Erf 289 Ziqubu Rd eNazareth, ePinetown.
Ngikhokhe emuva kokuba sebelethe wonke amaphepha kubameli emveni kwalokho bashaye bachitha. Ngiyathola ukuthi umkhuba wabo abawenzayo futhi baningi abagebengwe njengami.
Omunye abamgebengile ubakhiphe kwiFacebook nezithombe zabo enginazo nabameli abanawo amakhophi omazisi babo. Ngicela ukusiza abanye ngoba basazifaka izikhangiso zabo ephepheni
Bongani Ngcobo