IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, itshele abezindaba ukuthi ayikho imali eyakhishwa yilo mkhandlu ukuxhasa ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC Women’s League.
Uphawule kanje emuva komsindo wamaqembu aphikisayo aholwa yi-ActionSA asola iTheku ukuthi lakhokha imali eyevile kuR5 million kusingathwa ingqungquthela eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngo-Agasti.
UKaunda ukusho wangahloniza ukuthi akukho mali umkhandlu owayikhipha ukhokhela i-ICC.
Ubekade ecacisa ngezinto ezehlukene okubalwa kuzona isimo samabhishi, izindawo okuhlanzwa kuzona inyubathi, isimo sezezimali zomkhandlu, uhlelo lukahulumeni olwaziwa ngePublic Employment Programme (PEP) nokunye.
Mayelana namabhishi, uthe asevulwe wonke wowu-22 ngaphandle kweWarner Beach enamathizethize.
Uthe abekade evaliwe ngenxa yomyalelo abawuthole kwiNatal Sharks Board emuva kokudabuka kwamanethi okwadalwa yimvula enkulu. Uthe usuphothuliwe umsebenzi wokuwalungisa amanethi avimba oshaka.
Kubekwe eceleni uR6 million wokuqala umsebenzi wezobuchwepheshe wokuhlola indle uyinqande ingachithekeli emifuleni igeleze ingene ingcolise ulwandle.
Wabelwe uR265 million umsebenzi wokulungiswa kwesiphehlimanzi saseHammarsdale ukwanda kwesibalo sabantu uKaunda athe kufaka ingcindezi kwingqalasizinda ekhona kamasipala.
“Sezizokwazi ukuqhubeka izinhlelo zokwakhiwa kwezindlu nezinye ebezikade simiswe ukuthi lesi sikhungo sokusebenza indle besingasakwazi ukwamukela umthamo okhona ofaka phakathi nezimboni kulendawo. Lokhu kuzodala amathuba omsebenzi nomnotho elokishini uma umsebenzi uqala kuyo le nyanga (Novemba),” kuchaza uKaunda.
UKaunda ushayele ihlombe isinqumo senkantolo odabeni lokukhokhelwa kwama-rates esivune umasipala. Kuthiwa izakhamuzi zaseWestville zathatha isinqumo sokungasawakhokhela ama-rates.
Iphikile imeya ukuthi umasipala uhlulekile ukusebenzisa uxhaso lukaR1.88 billion abebeluthole kuhulumeni kazwelonke.
UKaunda uthe imali enguR1.5 billion ifike ngoMashi, kulo nyaka, ekubeni unyaka wezimali womkhandlu uphela ngoJuni. Uthe bebengeke bakwazi ukusebenzisa le mali iphele izinyanga ezintathu ekubeni yabelwe izinyanga ezingu-12.
Uthe bafake isicelo sokuthi ifakwe onyakeni wezimali olandelayo futhi uR700 million usuyongena ngonyaka ozayo.
Ucacise nangokumiswa kohlelo lukamengameli lokuqashwa komphakathi, iPublic Employment Programme (PEP) obeluhlomulisa abantu ababalelwa ku-5 000.
Uthe babenikwe imali engaphelele bangakwazi ukuqhubeka noPEP kuze kuphele unyaka wezimali. Uthe sebefake isicelo sokuthi lumiswe uhlelo kodwa abaxoshiwe abantu
“Sibheka ukuthi ngeke sikwazi ukuliqhuba okungenani kuze kushaye uDisemba ngesikhathi kusalindelwe impendulo kuhulumeni kazwelonke,” kusho uKaunda.
Udalule nokuthi uzoqhubeka umsebenzi wokwakhiwa kwezindlu ezingu-1 500 eStop 8 eNanda obelugubuzelwe izinkinga lwagcina lumisiwe.