AFUNA ukuxegiselwa umbandela webheyili othi angalubhadi eHillcrest lapho kuhlala khona ummangali ongusomabhizinisi, uMnuz Thabiso Ngcobo, amaphoyisa alishumi ayamaniswa nokuzama ukumbulala.
Wonke la maphoyisa angaphandle ngebheyili ka-R5000 enemibandela.
Kulokhu bonke bebezifihlile. Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini kwaba nemibuzo ngokuzifihla kwephoyisa elidume ngokuqotha izigebengu ngenhlamvu nalo elingumsolwa kuleli cala, uPedro Rodiguez (44).
Amaphoyisa abekwe icala lokuzama ukubulala. Kuthiwa adubula imoto kaNgcobo esigamekweni okuthiwa senzeka emgwaqweni uM13 ngasePinetown.
Izolo eNkantolo yeMantshi yasePinetwown, ummeli wamaphoyisa, uHenry Van Breda utshele iMantshi, uWendalynn Robinson ukuthi abasolwa bacela ukuxegiselwa omunye wemibandela yebheyili.
"Umbandela wokuthi amaphoyisa angalubhadi eHillcrest ngoba kungalapho kuhlala khona ummangali awumubi futhi bazimisele ukuwuhlonipha. Kodwa inkinga ngombandela ukuthi uphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa,'' kusho uVan Breda.
Uqhube wathi njengoba amaphoyisa esaqhubeka nokwenza umsebenzi wawo umbandela wokuthi kube khona indawo angakwazi ukufinyelala kuyona ukhinyabeza ukusebenza kwawo.
"Bangichazelile ukuthi abasazi ukuthi benzenjani uma kuvela izimo eziphuthumayo ezibaphoqa ukuba bayosebenza kule ndawo. Ngiyanxusa ukuthi lo mbandela uhoxiswe ukuze basebenze ngokukhululeka,'' kunxusa uVan Breda.
Uthembise ukuthi eminye imibandela amaphoyisa azimisele ukuyigcina njengoba injalo.
IMantshi ithe ngeke iwuhoxise lowo mbandela ngoba uyingxenye enkulu yemibandela yebheyili. Yathi ayiboni kungumqondo ophusile ukuhoxiswa kwawo.
"Kungakuhle uma ningase nikhulume nabaqashi benu nibazise ngesinqumo senkantolo esihambisana nombandela webheyili yenu. Uma nenza kanjalo ngikholwa ukuthi akukho okuzoniphazamisa ekusebenzeni kwenu,'' kusho iMantshi.
Icala lihlehliselwe uNovemba 15 njengoba kuvela ukuthi kunolunye uphenyo olusaqhutshwa.