KULUKHUNI satshe kwabakuleli abahlala emazweni akhungethwe yizimpi abafuna ukuvota okhethweni lwangenyanga ezayo.
Abahlala emazweni akhungethwe izimpi kuzofanele bayovota emazweni angomakhelwane ngenxa yokuthi amanxusa akuleli asethuthile emazweni abahlala kuwo.
Emazweni abhekene nale nkinga kukhona i-Israel elwa neHamas eGaza, bese kuba iRussia elwa ne-Ukraine.
Abanye balabantu abazange bakwazi ukubhalisela ukuvota ngenxa yezimpi eziqhubekayo.
UNgqongqoshe wezoBudlweno naMazwe oMhlaba, uDkt Naledi Pandor uthe zikhona izinhlelo zokwenza isiqiniseko sokuthi bonke abafuna ukuvota bayalithola ithuba lokuvota.
"Zikhona izinhlelo esizenzile. Abafuna ukuvota bangaya emazweni angomakhelwane. Uma uhlala e-Israel, akhona amahhovisi enxusa eRamala. Sifuna kungabi khona umuntu ongezolithola ithuba lokuvota,“ kusho uNgqongqoshe Pandor.
UPandor uthe bajabule ngesibalo esiphezulu sabantu abahlala emazweni angaphandle ababhalisele ukuvota.
"Emhlanganweni engibe nawo ne-IEC (Independent Electoral Commission), bangitshele ukuthi siphezulu kakhulu isibalo sabantu abahlala emazweni angaphandle ababhalisele ukuvota. Kungokokuqala emlandweni ukuba sibe nesibalo esiphezulu kanje," esho.
Lo Ngqongqoshe ubekhuluma esithangamini nabezindaba ebesibizwe ikomiti le-ANC elibhekelele ezobudlelwano namazwe angaphandle.
Leli komiti lishayele ihlombe imizamo kahulumeni wakuleli yokudala ukuthula ezwenikazi i-Afrika nasemhlabeni jikelele.
UPandor uthe uhulumeni wakuleli wenza umsebenzi oncomekayo ngesikhathi umangalela i-Israel, enkantolo yamazwe omhlaba.
Uthe lesinyathelo sasifanele njengoba ekhale ngokuthi i-Israel ibulala abantu abangenacala eGaza.
“Isinqumo esathathwa uhulumeni wakuleli sihambisana nesibophezelo esasisayina eGeneva Convention lapho sazibophezela khona ukuthi ngeke sivume ukuthi kube nezwe elizobulala abantu. Asikwazi ukusonga izandla kubulawa abantu eGaza.
“Asikwazi ukuthula kucindezelwa abantu eGaza. Nathi sike saphila ngaphansi kwengcindezelo, siyazi ukuthi kunzima kangakanani. Amazwe omhlaba aselekelela ngesikhathi silwa nengcindezelo. Ingakho nathi silekelela labo abacindezelekile,” kuqhuba uPandor.
UPandor uthe bayazama ukuxazulula impi ephakathi kwiRussia ne-Ukraine kanti bafuna ukuhlalisa phansi abaholi balamazwe, kukhulunywe ngalempi esidonse isikhathi eside.
"Kuningi esesikwenzile ukuzama ukuxazulula impi. Njengamanje sisesigabeni lapho sesikulungele ukuhlanganisa zombili izinhlangothi. Sifuna ukuba nomhlangano ozohanjelwa izona zombili izinhlangothi," ephetha.