ULIKHOMBE kumsolwa wokuqala icala lokubulala abesifazane ababengabangani, umsolwa wesibili efaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko.
UMnuz Sandile Chili (44) ongumsolwa wesibili oveze ukuthi uqale ukwazana nomsolwa wokuqala, uMnuz Lungani Mthethwa (38) ngo-2022, emfundisa ukuhweba ngemali, ubevele naye phambi kwenkantolo.
Babhekene necala lokudubula babulale uNksz Anele Mbokazi noNksz Zizipho Gabisa baseRiverview, eVerulam.
Baphinde babhekane necala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, bese kuthi uChili abhekane nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
Abafi batholwa bedindilizile emgwaqweni waseKenville, eThekwini.
UMthethwa osenommeli omusha, ukhethe ukusilaxaza isicelo sebheyili okwamanje.
Efaka isicelo sebheyili uChili, udalule ukuthi umuntu owadubula abafi ephindelela uMthethwa.
Bekungemumva kokufundwa kwencwadi yakhe efungelwe lapho engene khona ebhokisini lofakazi, wachaza ukusuka nokuhlala kokwazana kwabo nabafi.
Uveze ukuthi baqala ukwazana (nabafi) emcimbini wakubo e-Escourt ngo-Agasti 10, kwashintshwana ngezinimbolo zamaselula, kwase kuxoxwa ezingcingweni.
"Ngo-Agasti 24, ngesikhathi siyobalanda eRiverview, sasibabona okwesibili," kuchaza uChili, othe yena wayeseqonywe uNksz Gabisa, kuthi uMthethwa aqonywe uNksz Mbokazi.
Uthe kwatetenyukwa kwayodliwa endaweni yokudla ephambili, kwathengwa utshwala, kwase kubhukhwa eRoyal Hotel.
"Uye umsolwa wokuqala owayenza yonke into ngoba ngisho imoto esasihamba ngayo kwakungeyakhe, konke okukhokhelwayo, okukhona kukho ukudla, utshwala nokubhukha, konke kwakhokhelwa wuye," kusho uChili.
Uveze ukuthi ngezikhathi zasebusuku, kwaba khona ukunengeka kuMthethwa ebona ucingo lukaNksz Mbokazi lukhala into engapheli.
"Wachaza uNksz Mbokazi ukuthi izingcingo zazivela kubo, umfowabo usethathe imoto yakhe waya ezindaweni zobumnandi, waboshwa," kusho uChili.
Uthe yilapho uNksz Mbokazi aveza khona ukuthi usezobiza imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile, nokho yena wancenga uMthethwa ukuthi akuzwakali kahle ukuthi bafike bathathe "izingane" emakubo bese beyazilaxaza.
Uqhube wathi bathi uma sebedlula ngasebhulohweni, iTollgate (Berea), uNksz Mbokazi waveza ukuthi inkinga yokuboshwa kukamfowabo nemoto yakhe isixazululekile.
"Ngozela ngalala, ngaphaphama sesiseKenville, ngathi uma ngimbuza uMthethwa ukuthi siyaphi, wathi siya kumngani wakhe ukuyoxilonga imoto ngoba uyizwa iqhaqhazela," kusho uChili.
Uthe wathi esaxakwe yilokho, wabona uMthethwa eseyimisa imoto, ephuca uNksz Mbokazi iselula yakhe, wafuna ngodli nekaNksz Gabisa.
Uthe wabe esebatshela ukuthi abakhale phansi.
"Nami ngavele ngehla. Yaqhubeka ingxabano phakathi kwabo. UMthethwa ethi akakholwa ukuthi ibikhona inkinga eyehlele umfowabo, yena akubonayo ukuthi banamanye amasoka. Ngamtshela ukuthi kodwa asikho isidingo sengxabano, ngase ngiwelela ngaphesheya komgwaqo ngiyochama nokuyilapho ngezwa isibhamu siqhuma kabili," kusho uChili.
Uthe waqale wagoba engazi noma bayahlaselwa yini kodwa wathi uma ebuka ngaphesheya, wabona abesifazane sebelele phansi.
"Kwavele kwanqamuka nomchamo, ngabuyela khona. Waphinde wabaphinda ngezinye izinhlamvu ezimbili, wathi angingene emotweni, sihambe," kusho uChili.
Uthe sebehamba endleleni, uMthethwa wamdonsa ngendlebe ethi: "Awubonanga lutho futhi awuhlangani nalokhu okuqeda kwenzeka la".
Uthe wamcela ukuthi amgodukise nokwathatha isikhathi njengoba waqale wayoshintsha imoto endlini yakhe eSherwood, wabuye wayolanda izimpahla zakhe ehhotela.
Uthe wafika kwakhe walala njengoba ayephuzile futhi ozela.
UMbuso umsolile nokho ubuza ukuthi yini eyadala ukuthi abe nesibindi sokulala, eqeda kubona kubulawa abesifazane ngesihluku.
Uzithethelele ngokuthi wayengenayo i-airtime yokufonela amaphoyisa futhi wayesaba ngoba uMthethwa wayengamenzakalisa nomndeni wakhe.
Uphinde wamsola uMbuso ngokusenga ezimithiyo, uthi njengoba bagcina bebanjwa bobabili eSouth Beach ingoba icala balihlela, balenza bobabili.
Waphendula ngelithi, into eyamyisa kuMthethwa ukufuna ukuyozwa ukuthi iyiphi indlela ekahle yokulubika lolu daba emaphoyiseni.
Udalule ukuthi baboshwa nje, zazisayime emthumeni emva kokuthi ephikise itulo likaMthethwa lokuthi kungcono amaphoyisa bawatshele ukuthi abafi baphume bahamba ehhotela beyogibela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.
"Saphikisana kakhulu ngalokhu, ngimtshela ukuthi amakhamera akhona, ikhona nekhona ehhotela, kuzovela ukuthi baphume behamba nathi," kusho uChili.
Uveze ukuthi ushadelwe, unezingane eziyisikhombisa, unendlu emaflethini eCornubia ayithola ngo-2018, uziphilisa ngokubamba amatoho okuba umqaphi.
Ngesikhathi ethula ubufakazi uChili ubelokhu ebheke phansi, ebonakala engahlalisekile. UMthethwa obesebhokisini labasolwa ubebonakala enyukubele, eqalaza lapho bekuhleli imindeni.
Inkantolo imdedele ngebheyili kaR5000, ibalula ukuthi ubufakazi abethulile bumbeka njengomuntu owayesendaweni engafanele, ngesikhathi esingafanele.
Inengekile imindeni yabafi nabayesekayo, uChili enikwa ibheyili.
Emuva kokuthi enikwa ibheyili basukume bangana abomndeni wakhe.
Icala liyabuyela enkantolo ngoNovemba 21.