UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uthi ingaphezu kwengu-600 imizi ekhahlamezekile selokhu kuqale izimvula ezinamandla.
Okhulumela umnyango uMnuz Siboniso Mngadi, uthe kulesi sibalo kukhona izindlu ezingu-140, ezicekeleke phansi zaphela nya.
Uthe isifunda uThukela yiso esikhahlamezeke kakhulu.
“Kusona kufe abangu-23 njengoba kube khona izikhukhula eMnambithi kuzosa kube uKhisimusi. Kusona kukhahlamezeke imizi engaphezu kuka-100,” kusho uMngadi.
Uqhube wathi isifunda esilale isibili wuMgungundlovu ngesibalo esikhulu semizi ecekeleke phansi, kwafa ababili, owesithathu usacingwa. Laba abathathu kuthiwa bamuke nemoto ebebehamba ngayo emfuleni uMsunduzi imuka namanzi.
Esifundeni iKing Cetshwayo uthe zingu-40 izindlu ezicekeleke phansi ngesikhathi kunesiphepho esinamandla, kubuye kwacekeleka phansi namabhizinisi aseShowe.
“EMzinyathi khona kukhahlamezeke imizi engaphezu kuka-100, kwafa oyedwa. Lokhu kushiye abantu abangaphezu kuka-2000 bekhahlamezekile, kwathi imizi engu-21 yaphela nya,” usho kanje.
Uveze ukuthi akubanga khona isidingo sokuthi kube khona abahlaliswa ezakhiweni zomphakathi njengoba omakhelwane bebakhoselisile ebebedinga ukukhoseliswa.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuqhubeka kwemvula, wathi kulibazisa ukuqoqwa kolwazi ngomonakalo odalekile.
Uthe uma beqeda ukuqoqa ulwazi, bazobe sebekwazi ukuthi basho ukuthi mungakanani umonakalalo.
Ubuye wathi kusalindeleke ukuthi iqhubeke imvula kanjalo nokuduma kwezulu okusesigabeni sesibili, ezindaweni ezehlukene zesifundazwe.
“Sinxusa abantu bakithi ukuthi bahlale ezindlini uma kuphephile ukuthi benze njalo. Njengoba abantu abaningi bebuyela emsebenzini sekuphela amaholidi, sinxusa abashayeli ukuthi baqaphele. Uma bebona ukuthi isimo sezulu sibi, sicela bahlehlise uhambo lwabo, kuze kuba baphephile ukuthi baqhubeke nalo,” kusho uMngadi.
Uphethe ngelithi amathimba abo ezinhlekelele alokhu eqhubeke nokukanisa ezindaweni ezehlukene zesifundazwe.