LISHAYA phansi ngonyawo ikomidi eliphezulu eMnyangweni wezokuVakasha kuzwelonke, lifuna sihoxiswe ngokuphazima kweso isivumelwano sikaR1 billion sokusebenzisana neqembu lebhola, iTottenham Hotspur.
Okunye okufunwa yikomidi ukuthi isikhulu esiphezulu esisabambile emnyangweni sesule esikhundleni.
Isivumelwano sokusebenzisana phakathi komnyanago neqembu lase-UK, besizoholela ekutheni kubhalwe igama laleliya lizwe ezingalweni zamajezi abadlali.
Lena ngeminye imibiko edalulwe ngabezindaba base-UK, ngemva kokuputshuka kwalolu daba. Konke lokhu kuthiwa bekuzodla umnyango imali ewu-R910 997 814.75 kanti igama laleliya lizwe belizobhalwa ezingalweni zamajezi eqembu izinyanga eziwu-36.
Usihlalo wekomidi uNkk Thandi Mahambehlal, utshele uNgqongqooshe womnyango, uNksz Lindiwe Sisulu, ukuthi ikomidi linikwa igunya yiPhalamende ngakho linelungelo lokumisa nanoma iyiphi iprojekthi.
UNkk Mahambehlala usho lokhu ngemva kokuthi uNksz Sisulu, ethe ngumengameli kuphela onelungelo lokumisa isivumelwano sokusebenzisana.
Esitatimendeni esishicilelwe izolo, ikomidi lithe uNkk Maahambehlala ukubeke kwacaca kuNksz Sisulu ukuthi umnyango uphendula imibuzo ePhalamende, akusilo iPhalamende eliphendula emnyangweni.
Ngokwesitatimende, uMnyango uvele ngaphambi kwekomidi izolo uzochaza kabanzi ngesivumelwano sokusebenzisana sikaR1 billion.
“Ikomidi litshele ungqongqoshe ngomnyango ukuthi ayikho into ebambekayo eqinisekisa ukuthi isivumelwano sokusebenzisana phakathi komnyango neqembu sizoletha uR21 million kwezokuvakasha kuleli ngo-2030,” kusho isitatimende.
Siqubhe sathi akukwazi ukuthi uR1 billion oyimali yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ungasetshenziselwa ukukhokhela uhlelo lwaphesheya kwezilwandle ekubeni izwe licwile shi, enhluphekweni.
Ikomidi liqhube lathi umbiko eliwunikwe yisikhulu esibambile ngodaba ulufikisela ngamahloni, ubuye ube nokuziphikisa futhi uqubula imibuzo eminingi kunezimpendulo.
UNksz Mahambehlala uthe ngokombiko, inhlangano yebhola lezinyawo kuleli iSouth African Football Association (Safa) ayibaliwe njengabantu abanolwazi noma ababikelwe ngodaba.
“Ukungabalwa kweSafa esivumelwaneni akuqondakali futhi kuyashaqisa,” kusho uNksz Mahambehlala.
UNksz Mahambehlala uqhube wathi ikomidi limbuzile uNksz Sisulu ukuthi unolwazi olungakanani ngesivumelwano nohambo lokuvakashelwa kwaleli qembu.
Eziphendulela uNksz Sisulu uthe, akanalwazi ngesivumelwano wathi akwaziyo ukuthi ngeke sikwazi ukuthi sibekhona ngaphandle kolwazi lukamgcinimafa kuzwelonke nomengameli ngoba inkulu imali okukhulunywa ngayo.