NKOSIKHONA CELE
IPHINI likaNgqongqoshe eMnyangweni wezeMfundo ePhakeme nezokuQeqeshwa, uDkt Mimmy Gondwe, liphonsele inselelo uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ukuthi ubhukule ulungise ingqalasizinda yezikhungo ezicija amakhono (TVET Colleges) KwaZulu-Natal.
Ubekhuluma izolo, ngesikhathi ehambele eCoastal TVET College, eHammarsdale. Ubehambisana noMphathiswa kwezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer.
Ukuhambela kwabo kulesi sikhungu kuwuhlelo olumayelana nokukhuthaza ukwenziwa kwezifundo ezicija abafundi ngokwamakhono.
UDkt Gondwe uthe kuyamkhathaza kakhulu ukubona ingqalasizinda yaseCoastal College ingekho esimweni esikahle.
Unxuse uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ukuba ungenelele ngokushesha kulesi simo.
"Ngikhuluma ngibhekise ngqo kuwena Mphathiswa uMeyer, ngiyacela ukuthi ilungiswe indaba yengqalasizinga yalesi sikhungo. Lokhu kumqoka kakhulu ukuba sikubone kwenzeka ngokushesha ukuze kungeke kuthikamezeke ukusebenza kwezikhungo zokucijwa kwamakhono,'' usho kanjena.
Eqhuba, uchaze izikhungo zokucijwa kwamakhono njengeziklama indima enkulu ekuthuthukisweni komnotho wezwe lonke.
"Kuningi okuhle okungavela uma singaqinisekisa ukuthi ziyanakekelwa ngendlela efanele izikhungo ezibhekelele ukucijwa kwamakhono,'' echaza.
Wenze isibophezelo sokuthi uzosebenzisana nalo mnyango ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iyalungiswa ingqalasizinda yezikhungo ezicija amakhono.
Uthe akasakhulumeli nje kuphela iCoastal kodwa nezinye kumqoka ukuba zibe nengqalasizinda ebonakala isemgangathweni.
UMeyer uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukulungisa ingqalasizinda yalesi sikhungo.
Uveze ukuthi kakade vele isakhiwo salesi sikhungo singaphansi kweso labo kusukela eminyakeni eyedlule.
Uthe kumele kube khona okwenziwayo ukuze sande isibalo sabantu abasha baKwaZulu-Natal abaya ezikhungweni zokucijwa kwamakhono, wathi kumele ilungiswe ingqalasizinda yalezi zikhungo ukuze kungeke kuthikamezeke ukufunda kuzona.
UNkk Thembisile Msimang onguthishanhloko obambile kulesi sikhungo, ukhale kakhulu ngezinselelo abaye bazithole bebhekene nazo.
Uveze ukuthi kulesi sikhungo bangakwazi ukuthi babe nabafundi abalinganiselewa ku-450 kodwa ngenxa yokuthi ingqalasizinda yabo ayikho esimweni esikahle, kubaphoqa ukuthi babe nabafundi abevile kancane nje ekhulwini.
Ngalo lolu suku badlulele eLangeni TVET College ngalo uhlelo olufanayo.