SIHLABE ikhwelo komastende isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), lokuthi babambe amatomu, bangagijimeli ukuxosha abakweletayo ngoba simatasa nohlelo lokuthi bakhokhelwe ngokushesha.
I-NSFAS ithe iyazazi izikhalo zomastende futhi iphezu kwazo.
Okhulumela lesi sikhwama uMnuz Ishmael Mnisi, uthe ukuphendula ezikhalweni zomastende, sebesondeze usuku abazokhokhelwa ngalo.
Uthe basondeze usuku lokubakhokhela njengoba phambilini bekumele babakhokhele ngenyanga ezayo.
"Sisondeze usuku lokukhokha lusuka ku-Ephreli 4, lwaya kuMsombuluko, uMashi 31. Lokhu sikwenza ukweseka esibaxhasile ngoba banesidingo sezindawo zokuhlala. Sinxusa omastende ukuthi bayeke ukuxosha abangakhokhile, okunalokho balandele imigomo ebekiwe yokufaka izicelo zokukhokhelwa," usho kanje.
Uthe kubalulekile ukuthi kube nokubambisana ukuze izitshudeni zingagcini sezilele endle.
"Izitshudeni akumele zibe nexhala lokuthi zizolala endle ngenxa yokuthi imali ayikangeni ngoba lokho kuzoziphazamisa. Ngaso sonke isikhathi kumele zigxile ezifundweni zazo ngaphandle kokuphazamiseka, nokuhlukumezeka."
Ubonge omastende, izikhungo zemfundo, izitshudeni nezinyunyana ngokuqhubeka kube nokubambisana.
"Kubalulekile ngaso sonke isikhathi ukuthi kwesekwe izitshudeni. SiyiNSFAS siyaqhubeka nokuxoxa nomastende ngokuthi kube nesixazululo ezinkingeni ezibhekene nokuhlinzekwa kwezindawo zokuhlala ezikhungweni," kuchaza uMnisi.
Uveze ukuthi into ebambezela izinto wuhlelo lokuqinisekisa ukuthi yonke imigomo ilandeliwe ngaphambi kokuba bakhokhe.
"Ngesikhathi senza lokhu kuqinisekisa sithole ukuthi kunenqwaba yezitshudeni eziyizipoki, ezingaxhasa yiNSFAS noma ezinye zazo ezingamukelwanga ezikhungweni. Siyaphenya labo mastende abalethe imininingwane engelona iqiniso, abebezama ukuthatha amashansi benze inkohlakalo," kusho uMnisi.
Uthe bayazi ukuthi omastende babhekene nezinselelo zemali ekuqaleni konyaka kodwa nabo kudingeka balandele yonke imigomo ngemali yomphakathi.
Unxuse omastende ukuthi balethe imininingwane efanele ukuze kungabi nokubambezeleka ekukhokhelweni.
"Siyabanxusa futhi ukuthi balandele yonke imibandela ethinta nomnqamulajuqu wokuletha izinto ukuze basheshe bakhokhelwe. Ukuphuza ukuziletha kwenza kuhambe kancane izinto."
Ihlale iyinkinga eyokuphuza ukukhokha kwalesi sikhwama sikhokhela omastende.
Lokhu kudalwa wukuthi lesi sikhwama siyaphuza ukuphendula ngohlu lwabaxhasiwe, ikakhulu labo abasuke befake izimangalo kulandela ukuchithwa ekuxhasweni.
Abanye omastende baze banqume ukuxosha abangakhokheliwe ngoba bebona izinto zihamba ngolonwabu.