NKOSIKHONA CELE
NJALO uma kunemiphumela emihle kamatric, kunconywa abafundi bodwa othisha bazitshwe.
Lesi yisikhalo esizwakaliswe yiMeya yaKwaDukuza, uNkk Lindile Nhaca, ngesikhathi lo masipala unomcimbi wokuklonyeliswa kothisha bezikole ezenze kahle kumatric ka-2023 ngoLwesihlanu KwaDukuza Town Hall.
Uthe inkulu indima eklanywa wothisha emiphumeleni emihle kamatric KwaDukuza. Izikole zaKwaDukuza zithole imiphumela kamatric engu-80%.
Imeya ithe kubi ukuzitshwa kothisha ekubeni besebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi futhi besebenza namahora engeziwe ukuze abafundi bakulesi sigaba baqhakaze.
"Othisha bafundisa abantwana abadla izidakamizwa. Abanye abaphatha ngisho izikhali ezikoleni kodwa bayaqhubeka nomsebenzi omuhle bebe bebeke impilo yabo engcupheni," ebancoma.
Kulo mcimbi kuklonyeliswe othisha nothishanhloko ezigabeni zokwenza kahle ezihlukene okubalwa kuzo lezo zikole ezikwazile ukushintsha amagiya, zisuka ekwaziweni njengezikole ezingenzi kahle ziya ekwenzeni kahle. Lo mkhakha ubizwa ngeBest Improved Schools.
Kulo mkhakha isikole esilale isithathu kube Itshelimnyama Secondary School ngo-92,8%, isibili kwaba Inkosi Albert Luthuli Secondary ngo-93,3 % endaweni yokuqala kwaba yiStanger M. L. Sultan no-94,2 %.
UThishanhloko waseStanger M. L. Sultan, uMnuz Gagashi Zondi, ukushayele ihlombe ukubongwa kothisha.
Uthe mkhulu umsebenzi abawenzayo beqinisekisa ikusasa elingcono labantwana.
Kuklonyeliswe nothisha abangu-20 bezikole ezahlukene izifundo zabo eziphaswe ngamalengiso.
UMnuz Muzi Barnes, ongusihlalo weSadtu KwaDukuza, uthe mkhulu umsebenzi owenziwa othisha, wathi kuyabajabulisa ukuthi uMasipala waKwaDukuza ukhethe ukubabungaza ngale ndlela. Ukhuthaze othisha ukuthi baqhubeke nokuba yingxenye yokufeza amaphupho abafundi nokubenza baphase ngamalengiso ukuze indlela yabo eya empumelelweni iqhakaze futhi ibe lula.