UKUQAPHELA ukuthi abantu abaningi ikakhulu abamnyama basantula ulwazi lokuphatha imali futhi abayazi imigudu okumele bayilandele ukuze bathole abantu abazobasiza ukubeluleka ngamasu okuphatha imali, kwenze isikhungo esizimele eseluleka ngokuphatha imali, iMomentum, saqala umkhankaso wokusiza ngalolu lwazi.
Inhloko yeMomentum Brand, uNkk Qhawekazi Mdikane, ithe ngalo mkhankaso, abawethule muva nje, othi #AdviceForSuccess bazama ukuvala igebe lesibalo esincane sabantu bakule lizwe abaziyo nabaqonda ukubaluleka bokuba nomeluleki wezezimali.
Uthe lokho bakwenze emva kocwaningo lwabo abalwenze ngonyaka odlule oluveze ukuthi ilinganiselwa ku-77% imindeni yabantu baseNingizimu Afrika engazihluphi nhlobo ngokufuna usizo lokwelulekwa ngokwezimali.
Lokhu uthe kwenza ukuthi imindeni ilalele noma ngubani oyinika iseluleko okungenza idukiseke kugcine kusaphazeka imali yabo ngisho kungasafanele.
“Lokho kwenze sabona ukuthi nakuba bekhona futhi begcwele cishe izwe lonke abantu nezinkampani abeluleka ngokuphatha imali, kodwa akwanele ngoba abantu abakuqondi ukuthi kumele benzenjani noma baqale kuphi ukuthola usizo olunjalo.”
Uthe bafuna ukuqeda nenkoleloze yokuthi abelungu kuphela abafuna ukwelulekwa ngokuphathwa kwemali hhayi abamnyama.
"Kubaluleke kuwonke wonke ukufunda ngokuphathwa kwemali, hhayi uhlanga oluthile kuphela. Lokhu umuntu kumsiza ngokuhlomela nokuhlelela ingomuso."