IJAJI Ratha Makgoatlheng, elihlalele icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, lisole u-Advocate Zandile Mshololo ngokubambezela icala. Icala lisesigabeni lapho kubangwa ukuthi ngabe izitatimende zabamangalelwa zokuvuma icala kufanele yini zamukelwe.
UMeyiwa owayeyisilomo sikanozinti wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014. Kushushiswa abalisa abahlanu eNkantolo eNkulu, ePitoli, kodwa bonke bayawaphika amacala ababekwe wona.
UMbuso ubize uDkt Thabang Hlokwe, ongudokotela wamazinyo owaxilonga ummangalewa wesibili uBongani Ntanzi. UDkt Hlokwe uthe abaphenyi bamcela ukuthi abheke ukuthi uNtanzi ulifakile yini izinyo legolide noma wake walifaka yini phambili.
UHlokwe uthe ngaphandle kokuxilonga amazinyo kodwa wahlola nesimo sakhe nje uNtanzi, efuna ukubona ukuthi unjani. Uthe akukho akubona okukhomba ukuthi wayeke washawa noma wafakwa ishubhu njengokusho kwakhe.
UHlokwe wethule ubufakazi waqeda, kwavulwa ithuba lokumpheka ngemibuzo. Abameli bamphenye ngemibuzo beshintshisana kubuye kube nokuhilizisana. Iphuzu elibangwe kakhulu ngelokuthi uHlokwe wayehlanganaphi nezinye izingxenye zomzimba ngoba yena ubhekene namazinyo.
UHlokwe uthwale kanzima ephendula imibuzo ehlizisana nabameli kwaze kwafika ithuba lika-Adv Mshololo. Uqale wasola uHlokwe ngokuqamba amanga ebufakazini abethulile. U-Adv Mshololo uqale wakhuzwa ngokukhaca uHlokwe, embuza sakumhlohloloza.
Uqhubekile u-Adv Mshololo ebuza uHlokwe sakumqinisela iphimbo emshishibeza ngemibuzo eduze. Yilapho iJaji lingenelele khona.
“Uma kukhona ofuna ukukusho khuluma uqonde Nksz Mshololo ngoba lento olokhu uyenza iyabambezela. Mina ngifuna ukufinyelela esixazulweni saleli cala, lokhu okwenzayo akungisizi. Mina kufanele nginqume ukuthi izitatimende zokuvuma icala zisethethweni noma cha,’’ kubhoka iJaji.
Iaji lisole abameli ngokulokhu becokofula ufakazi bembuza imibuzo ebambezelayo engabe baqonda ngqo. Belibuye libasole ngokujijimeza ufakazi, bembuza izinto asezichazile.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMsombuluko bese abameli babamangalelwa becacisa ukuthi yini elandelayo abazoyenza.