KUTHUKUTHELE iJaji uRatha Makgoatlheng, elengamele ukuqulwa kwecala lokufa kukaSenzo Meyiwa ngesikhathi kuvela ukuthi omunye wabameli akafikanga ngenxa yokugula.
UMeyiwa owayeyisilomo sikanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Icala lisesigabeni lapho uMbuso uqhubeka nokweneka ubufakazi onabo. NgoLwesihlanu bekufundwa ubufakazi bamabhange abamangalelwa.
Kuthe kuqala icala ngoLwesihlanu kwavela ukuthi u-Advocate Thulani Mngomezulu akekho ubike ukugula. UMngomezulu ungummeli wommangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya.
Umbiko kaMngomezulu wethulwe wu-Advovate Zandile Mshololo ethi wuyena ozombambela kodwa ngeke akwazi ukupheka ufakazi ngemibuzo kuzolindwa uMngomezulu. IJaji licikwe wukuthi uMngomezulu akabikanga kulona ngokugula kwakhe kodwa ubikele u-Advocate Mshololo.
“Buka nje uyakwazi ukushayela uzakwabo ucingo kodwa akakwazi ukushayela ijaji. Ubhalele umabhalane wami kodwa akangibhaleli mina. Uma umuntu ebikela ijaji kufanele lithole ithuba lokumbuza imibuzo ukuthi akezi ngani kodwa yena ubhale incwadi,’’ kusho ijaji.
Kuvele ukuthi abehhovisi likaMngomezulu babhalele umabhalane wejaji bebika lolu daba kodwa ijaji lathi akwenele lokho.
Ijaji lithe yingakho lize lathetha, likhala ngokuthi abanye abameli abawahloniphi amajaji.
“Manje usesitshela ukuthi uyoze apheke ufakazi ngemibuzo uma esebuyile ekubeni wazi kahle ukuthi imigomo ithi kufanele kuqale ummeli kamsolwa wokuqala,’’ kubhoka ijaji.
Lithethe laze labuza ukuthi ithini imithetho yokusebenza.
Ijaji lithe kwalona qobo lwalo liyabika kubaphathi balo uma libambezelekile lingeke lifike ngesikhathi futhi libika ngendlela efanele.
Kwenzeka lokhu nje ijaji belisanda kutholana phezulu noMngomezulu kubangwa yona indaba yokugula. UMngomezulu wayecele ukuthi icala liguqe ekhala ngeso lakhe kodwa ijaji lanqaba lathi lizomnika umuthi weso.
Ngaphambi kwalokho ijaji lake lakhononda ngabameli abamnyama libasola ngobuhlathi kodwa lagcina lixolisa ngoba inhlangano yabo yayivutha.
Kulindeleke ukuthi icala liqhubeke ngoMsombuluko.