LUYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseKhombe, eNkandla, udaba lwesehlakalo sangeSonto, lapho kuthiwa khona indodana yenduna idubule yabulala umuntu kade idlala ngesibhamu, maqede yadla phansi.
Umthombo weSolezwe ongeke udalulwe, uveze ukuthi indodana yenduna yaseThuma, igcwele amathafa ngemuva kokuba isolwe ngokudubula kwafa uMnuz Thamsanqa Mkhize.
Kuthiwa le ndodana kayihlukani nesibhamu futhi iyazazi ukuthi ngeke ithintwe ngoba ''kwesatshwa'' uyise, uMnuz Muntuwo Dladla.
Umthombo uthe indodana ibikade iphethe isibhamu, ihamba nabangani bayo yase ibona iqulu labafana bephuma emcimbini othile, yabatshela ukuthi yize yona ikude kodwa ''ingamkora'' umufi.
Kuthiwa ibizincoma ithi izobe ingaqali ukuthi idubule ibulale umuntu ikude ngoba yona nesibhamu bajwayelene, nenhlamvu iya lapho esuke ithunywe khona, kayigeji.
''Bamphikisile abangani bakhe, nebala yase isikhipha isibhamu yadubula, inhlamvu yamshaya esiphongweni uThamsanqa,'' kuchaza umthombo onxuse ukuthi lingalinge lidalulwe igama lawo ngoba umndeni kaDladla, uyasatshwa njengoba aphinde abe usomatekisi.
Kuthiwa indodana yenduna ibona ukuthi ulimale kabi uMkhize, ibe seyimthwala imphuthumisa emtholampilo okuyilapho ukufa okufike kwamenela khona. Nemoto eyisebenzisile ukuphuthumisa umufi esibhedlela, umthombo uthe iyebile kanti ngeshwa maphakathi nendlela - sekubuywa esibhedlela - izophelelwa uphethroli yase iyishiya kanjalo.
''Imletha emtholampilo, iqambe amanga yathi ilethe umuntu engamazi, ehlangane naye endleleni enenxeba esiphongweni, yase ibona kumqoka kakhulu ukuba imsize angaze ashone,'' kulandisa umthombo.
Ngemuva kwesigameko, kuthiwa indodana yenduna igcwale amathafa, akwaziwa ukuthi ilibangise kuphi nendawo.
Kwenzeka lesi sigameko nje, leli phephandaba lithole ngomunye umthombo ukuthi amadodana enduna abhubhisile kule ndawo, ebulala abantu bese uyise egijima eyoshweleza ngesilwane okuba yimbuzi okanye inkomo nesamba esithile semali.
Kuvela ukuthi kunesinye isigameko lapho khona enye indodana yenduna esanda kudubula khona ibulale.
Ngemuva kwalokho, kuthiwa induna igijime yaya kubo kamufi, yashweleza ngezimbuzi nangesamba esithile semali.
Ithintwa induna, uDladla, ivumile ukuthi indodana yayo igcwele amathafa ngoba isolwa ngokuthi ibulale umuntu kade idlala ngesibhamu esigamekweni esenzeke ngeSonto.
''Ngiyavuma impela kuyiqiniso ukuthi indodana yami ibulale umuntu kade idlala ngesibhamu ngeSonto. Kuyimanje angiyazi nokuthi ibaleke yashona kephi nendawo. Kodwa ngizwile ngandlebenye ukuthi ibhace eThekwini. Ngabe ngenza iphutha uma ngingavikela umuntu obulele,'' isho kanje.
Ithe ike yazama ukuyishayela ucingo (indodana) kodwa yaluchizela, kwathi uma selushaywa ngunina yamphendula yase igonyuluka ngakho konke okwenzekile.
Ivumile nokuthi ikhona enye indodana yayo eyayihlawulela ngokunikela ngezimbuzi ezimbili nesamba semali esiwu-R7 000.
Ikuchithile ukuthi ngalezi zilwane isuke icele intethelelo, ishweleza emndenini kamufi kodwa kunalokho, ithe kusuke kungumphakathi oyinikeza ingcindezi yokuba iyoshiya okuthile lapho okusuke kone indodana yayo.
Owomndeni osekuke kwabulawa umuntu emndenini wakhe ngenye yamadodana enduna, uthe wesabela impilo yalo ngokugonyuluka ngale ndaba.
Ukhihle isililo wathi kwaba buhlungu ukubulawa kwelungu labo maqede kwacweba iziziba.
Uvale ucingo engasathandi ukuqhubeka nokukhuluma kabanzi ngalolu daba.
Iphunzile imizamo yokuxhumana nomndeni kamufi obulawe ngeSonto. Kunenombolo enikezwe intatheli kodwa ibikhala ingaphendulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukubulawa kowesilisa athe kwenzeke ngeSonto.
Uthe amaphoyisa aseKhombe, amatasa nophenyo olunzulu mayelana nesigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-30 ubudala.
"Amaphoyisa aphenya icala elithinta ukutholakala kwesidumbu sowesilisa sinamaxeba amabi emzimbeni esigamekweni esenzeke endaweni yaseThuma, eKhombe, eNkandla. Ubekade elimele kabi ekhanda,'' usho kanje.