ABASEBENZI boMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal bamatasa balwa negciwane elitholakale kubhanana esifundeni Ugu elaziwa nge-banana bunchy top virus (bbtv).
Uhulumeni ukusukumele phezulu ukutholakala kwalo kangangokuba uthumele i-Agricultural Research Council (ARC) ukuthi iyophenya ngalo.
Obhekelele ezokuXhumana eMnyangweni wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Phathisa Mfuyo, uthe bayazi ngokuqubuka kwe-bbtv esifundeni Ugu lapho ihlukumeza khona abalimi abenza inzuzo, abangayenzi inzuzo nabasafufusa.
“Sihlangene nazo zonke izinhlaka ezithintekayo - abalimi abenza inzuzo, abasafufusa abatshalela ukudla kwemindeni yabo. Kukhona nethimba le-ARC nabasebenzi bomnyango. Baqeqeshiwe abalimi ukuze bakwazi ukubona izimpawu ze-bbtv ukuze basheshe bayinqande. Ayikho ingozi ekudleni ubhanana ngoba wonke obunesifo ucekelwe phansi kwasala lowo ongenankinga,” kusho uNkk Mfuyo.
Uthe banezinsiza zokulwa ne-bbtv futhi bahlale bexoxa nabalimi nomphakathi. Baqeqeshe nabalimi ukuze banqobe lesi sifo.
Ngaphambi kokuthi i-bbtv itholakale KwaZulu-Natal ibidla lubi eZambia naseMozambique.
Khonamanjalo iNational Institute for Communicable Diseases (NCID) ithe isebenzisana noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukwenza ucwaningo ngokuqubuka kwegciwane elitholakal ekudleni i-salmonella.
Isalmonella itholakala enyameni, emikhiqizweni yobisi nasemaqandeni. Izithelo nemifino ziyalithola igciwane uma ziwashwe emanzini angahlanziwe.
Kusanda kuvela ukuthi kunabantu abadle amaqanda esitolo sokudlela eThekwini base
beyagula.
I-NCID igqugquzele abantu ukuthi bawashe izandla, baqinisekise ukuthi ukudla kuphekwa kuvuthwe futhi kusetshenziswe amanzi ahlanziwe.
Ukudla osekuphekiwe kufanele kugcinwe endaweni efanele okubalwa kuyo ifriji uma kufanele kugcinwe kubanda.