KUGQUGQUZELWE izinkampani ezisebenza ngemali ukuba zenze kangcono ukufundisa abantu ngokuphathwa kwayo engqungqutheleni ye-Financial Sector Conduct Authority (FSCA), ebiseGoli.
UKhomishana uMnuz Unathi Kamlana, uthe ukuthuthuka kobuchwepheshe akusho ukuthi kufanele kube nabantu abasala ngaphandle ekufundisekeni ngemali.
Wenze isibonelo sokuthi abantu bakuleli banomasingcwabisane abaningi kunemikhiqizo ezobasiza ukulondoloza imali.
Ngonyaka imboni kamasingcwabisane ingenisa uR20 billion, okuyimali uKamlana athe ingxenye yayo kufanele ngabe iyongiwa.
Ubalule ukuthi ucwaningo luveza ukuthi abantu abongi ngokwanele eNingizimu Afrika, wacela izikhungo zemali ukuba zenze kangcono ekufundiseni abantu.
Uthe akasho ukuthi abantu mabangabi nomasingcwabisane kodwa mabalinganise ukuze ukuhlelela ukufa kungathathi imali yabo eningi.
UMnuz Lungisa Fuzile oyisikhulu esiphezulu eStandard Bank, uthe imithetho ayivumi ukuthi baxube ukudayisa imikhiqizo ethile nokufundisa abantu ngemali.
Ululeke abantu ukuthi abahlukanise phakathi kwezikweletu ezinhle nezimbi, ebalula ukuthi akusiwo wonke umuntu onemali yokuthenga umuzi nemoto yingakho beboleka imali ebhange ukuthenga lezo zinto.
Isikhulu esiphezulu saseFirst Rand ephethe ibhange iFNB, uNkk Mary Vilakazi, sithe amakhasimende abo ayafundiswa ngokuphatha kahle imali njengoba kunobuchwepheshe obuwachazela ukuthi asebenzisa malini njalo ngenyanga.
Uthe ubuchwepheshe abusho ukuthi kufanele bavale amagatsha ngoba baningi abantu abasaya emagatsheni ukuze bathole umuntu okhuluma ulimi lwabo.
Odabeni lomasingcwabisane abaningi, uthe amabhange nawo kufanele akhulume nekhasimende elinomasingcwabisane abathathu, ukuthola isizathu salokho. Ulitshengise neminye imikhiqizo engaligqugquzela ukonga imali.
Ekupheleni kwengqungquthela kushicilelwe usomqulu obophezela zonke izikhungo zeimali ukuba zifundise abantu ngokuphathwa kwayo, usomqulu utholakala kwi-website ye-FSCA.