BONISWA MOHALE
USOTSWEBHU we-DA uNksz Natasha Mazzone ufuna kudingidwe udaba lokubiza kwempilo eNingizimu Afrika njengoba efuna amalungu ePhalamende eze nezisombululo.
UNksz Mazzone uthe usebhalele uSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula emcela ukuthi ahlele usuku lwenkulumo mpikiswano ngokubiza kwempilo kuleli.
“Kuyabiza ukuphila eNingizimu Afrika, sihlushwa wugesi onqamuka njalo, yinkampani kagesi efuna ukuwunyusa kakhulu kanjalo nokungabibikho kwemisebenzi. Abantu bahamba amabanga amade uma beya emsebenzini okusho ukuthi imali yabo ibhekelela izindleko zokugibela. Ukudla kuyabiza kuningi nje esikuthwele singabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uNksz Mazzone.
Uthe uma kunenkulumo mpikiswano amalungu ePhalamende azoza nezisombululo ezihlukene ngoba kuyacaca ukuthi uhulumeni we-ANC akazimisele ukwethula abantu baseNingizimu Afrika umthwalo wezindleko osemahlombe abo.
Kolunye uhlangothi iPublic Servants Association (PSA) icele uhulumeni ukuba angenelele odabeni lokubiza kukaphethroli.
UMnuz Rueben Maleka okhulumela iPSA, uthe amaholo abasebenzi awanyuki kodwa uphethroli unyuka njalo bese kunyuka ukudla.
“Sicela uhulumeni ikakhulukazi uNgqongqoshe wezokuMbiwayo uMnuz Gwede Mantashe angenelele odabeni lokunyuka kukaphethroli. Abantu baseNingizimu Afrika bathwele ijoka lezindleko abangenawo amandla okuzibalekela. Uphethroli uyabiza, ukudla kuyabiza, ugesi uyabiza futhi i-Eskom ifuna ukuwubizisa ngokweqile. Abantu abakwazi ukuphefumula ngisho nezifociya ziyabaklinya manje. Akasize uhulumeni angenelele,” kusho uMaleka.
I-Automobile Mobile Association of South Africa nayo icele uhulumeni ukuthi angenelele kuphethroli obizayo.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, nayo ithe uhulumeni akangenelele ekubizeni kukaphethroli ngoba kunyusa ukudla.
Ithe uma uphethroli wehla ukudla akwehli ezitolo, icele nokuthi uhulumeni aholele abantu isibonelelo sabangasebenzi ngoba kuyabiza ukuphila eNingizimu Afrika.