ITHOLWE emakhazeni asePhoenix ngoMsombuluko, inyanga okusabalale izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa iduke ihamba namathwasa ayo bebizwe lapho abebeyosebenza khona.
UMnuz Qedukwazi Theodare Mzimela (35) waseMzinto obedume kakhulu ngelikaBeefy, kuvela ulahleke ngoLwesihlanu nala mathwasa amabili.
Kuthiwa isidumbu sakhe nezamathwasa zitholwe ngaphansi kwebhuloho eliseMngeni. Ngesikhathi esuka ekhaya kuthiwa uduke eya eMhlanga namathwasa akhe nawo atholakale eshonile endaweni efanayo.
Kuvela ukuthi uMzimela namathwasa akhe amabili okunguMnuz Senzo Ngema benoMnuz Phumlani Mbuli bebeyohlangana nothile eMhlanga bese behamba beyokwelapha ndawana thizeni.
Laba abathathu kuthiwa babulawe ngesihluku esesabekayo njengoba kuvela ukuthi bebenamanxeba okudutshulwa kanti izidumbu beziboshwe izandla ngentambo.
Ngesikhathi ehamba ngoLwesihlanu kuthiwa wayeshayela iToyota Corolla emhlophe. Itracker yayo kuvele ukuthi itholwe eGreenwood Park ngempelasonto.
UMzimela usocongwa nje kuvela ukuthi ngonyaka owedlule umkakhe naye owayeyinyanga wasocongwa.
Okhulumela umndeni ozibize ngokuthi unguKing ukuqiniskisile ukuthi uMzimela utholakale eseshonile emakhazeni.
Uthe njengomndeni abakabi sesimweni esikahle sokuthi bangakhuluma ngalo ludaba, bacela ukunikezwa isikhathi esanele sokuzila, okungenani bazokhuluma emva kwezinsuku ezintathu.
UMzimela ubeyikhansela le-ABC eMzinto kanti le liqembu lidlulise amazwi enduduzo liwabhekise kubangani nasemindenini amalungu alo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba le liqembu linxuse ingalo yomthetho ukuba iqinisekise ukuthi bayabanjwa abenzi bokubi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekile lesi sigameko.
Uthe ngoMashi 16 ekuseni kutholakale izidumbu zamadoda amabili zidindilizile ngaphansi kwebhuloho elisemgwaqweni uMngeni, zinamanxeba okudutshulwa.
Uthe ngakusasa kwaphinda kwatholakala esinye isidumbu somunye wesilisa endaweni efanayo.
Naso futhi uthe besinamanxeba okudutshulwa. "Amaphoyisa aseSydenham aphenya amacala amathathu okubulala mayelana nesigameko sokudutshulwa kwamadoda amathathu,'' usho kanje.