IBINQUNYELWE ujuqu wokuthi lingashayi elanamhlanje isaphila inhlalisuthi eyisethenjwa somholi wamaNazaretha, Inkosi Mduduzi Shembe (uNyazilwezulu), elalelwe unyendle yathelwa ngoyaba lwezinhlamvu kodwa yaphuma ingenamyocu KwaMashu ngoLwesine.
UMnuz Xolani “Maliyavuza” Zungu uhlaselwa nje ubekade ebuya kogubha usuku lwakhe lokuzalwa. Ngaphambi kwalokhu kuhlaselwa ubethole umyalezo oputshukile wagcina ufike kuyena, kukhona oveza ukuthi akumele kushaye uLwesihlanu (namhlanje) esaphila. Isolezwe linawo lo myalezo oyiphimbo lowesifazane. Uthe ubesathi uzoyobika emaphoyiseni.
Elandisa ngokusinda kwakhe, uZungu uthe: “Bengihamba ngemoto nginganakile ebusuku ngibuya kogubha usuku lokuzalwa nabasebenzi bami eThekwini ngesikhathi kuqhamuka imoto evele yama phambi kwami ngangakwazi ukudlula. Ngisamangazwe yilokho, kuphume umfana omfishane nesibhamu esincane waqhulula ngenhlamvu ebhekise kimi ngisemotweni. Usuke ezitshela ukuthi useqedile ngami wabuyela emotweni bashaya bachitha. Ngamandla kaNkulunkulu woNyazilwezulu angitholanga ngisho umyocu kodwa imoto isale imbobombobo. Ngisuke lapho ngaya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala ngosekungehlele. Kulapho ngifike ngabona khona sesibala izimbobo zezinhlamvu ukuthi ngidutshulwe ngezinhlamvu ezingu-8,” kusho uZungu othe imoto isasele khona esiteshini samaphoyisa KwaMashu.
UZungu ungenye yezinhlalisuthi eziyizethenjwa zoNyazilwezulu nehlala iseceleni kwalo mholi ngaso sonke isikhathi uma ehamba. Abaningi bamazi ngokuhlala egibele isithuthuthu esihamba phambi kwezimoto zoNyazi ukuphendla indlela uma kunemihlangano yamaNazaretha.
Isolezwe like labhala ngaye emva kokwethweswa icala lokudlwengula, elibuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla. Lo wesifazane ozwakala emyalezweni uyaziqhathulula, uthi akazimisele ukuba yingxenye yokuthi kusocongwe le nhlalisuthi njengoba kunetulo elinjalo.
Uzwakala ebiza igama lenye inhlalisuthi, nayo eyisethenjwa soNyazi, ukuthi iyona epheka itulo lokuthi kubulawe uZungu. Uveza ukuthi yena akazimisele ukuthi abe yingxenye yaleli tulo. Uthi yena usafuna ukuphila kahle akhulise nezingane zakhe, angabi yingxenye yokubulawa kwabantu. Uqhuba athi abafuna ukubulala uZungu abaziqhubekele bodwa bangamfaki yena. Inhlalisuthi ayibala kule nkulumo ingenye yezisanda kuxoshwa ebandleni lamaNazaretha ngezinsolo zamatulo amabi okuthiwa iwaphekela uNyazi.
Leli phephandaba izolo libike ngokujamelana kwenhlalisuthi okuthiwa isize yaba ngamaqembu amabili khona eBuhleni.
Imizamo yeSolezwe yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga izolo kwaze kwashaya isikhathhi sokushicilela.