ABANTU bakuleli kabazange bazithele ngabandayo njengoba besebenzise uSuku lwabesiFazane ukugubha baphinde beluleka ngokungafuqa umzabalazo wabesibhuda emicimbini ebisabalele ezweni lonke.
Ummeli odumile ukhuthaze abesifazane ukuthi bafunde ukuze bahlukane nokulwela amadoda ezitaladini kodwa basebenzise izindlela eziyizo zokulwa ukuze bazuze abakudingayo.
U-Advocate Zandile Mshololo obengomunye wezikhulumi emcimbini wabesifazane obuhlelwe wuMasipala uMzinyathi, uthe uyafisa ukuthi abantu besifazane bafunde badlule amadoda ukuze bezokwazi ukushintsha izinto eziningi ezidinga isandla somuntu wesifazane kuleli.
“Abesifazane bangamajaji nababameli ukuze bakwazi ukulwela abanye abantu besifazane abadinga usizo lwabo. Uma singafunda bazoncipha abesifazane abalwa ezitaladini, asilweni ezindaweni ezifanele,” kusho yena.
UNdlunkulu uNtokozo KaMayisela Zulu, uNdlunkulu weSilo uMisuzulu, naye obekhuluma khona eMzinyathi, uthe ukungalingani kuqala ngesikhathi kukhuliswa amantombazane nabafana.
“Amantombazane aya emhlangeni afundiswe ukuziphatha kodwa awukho umhlanga wabafana, okusho ukuthi lezi zintombi zizoshada nabafana abangafundisiwe okuzokhanda udlame olubhekiswe kwabesifazane, iGBV,” kusho yena.
Uthe ezinye izinkinga zidalwa ukuthi izingane zikhuliswa ngabazali abangabodwana okujwayele ukuba ngomama, obaba basuke bengasekho.
IMeya yalo masipala, uMnuz Petros Ngubane, ibonge abesifazane abamise amakhaya futhi abakhulisa izingane.
UMengameli weEFF, uMnuz Julis Malema obekhuluma emcimbini obuseMatatiele, uthe umkhuba wokuthwalwa kwamantombazane asemancane ayoganiswa, kuwancisha ithuba lokuthi afunde ekubeni izwe esiphila kulo lidinga abantu abafundile.
Uthe alikho isiko elithi amantombazane awathwalwe ayoganiselwa abantu abadala, ashiyiswe isikole.
"Lokhu ngukudlwengula, okuyinto engavumelekile kuleli. Bazophuma kuphi abantu besifazane abafundile abazolandela ezinyathelweni zePhini likaMengameli wamaJaji, uJaji uMandisa Maya, uma amantombazane amancane eganiswa, angasakwazi ukufunda?" kubuza uMalema.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, olwakhe usuku lwabantu besifazane ulugubhe ngokunikeza i-learnership abantu besifazane abakhubazekile abathathu, abazofundela umkhakha wokuzicwala i-cosmetology.
"Akwenzi mehluko ukuthi silokhu sathi uma sigubha usuku lwabesifazane senze umcimbi kodwa ngakusasa babuyela enhluphekweni abebevele benayo. Ukubanikeza imfundo kuzokwenza ukuthi bakwazi ukuzivulela amabhizinisi abo baphinde baqashe nabanye abantu," kusho yena.
E-SAA uSuku lwabesiFazane lugujwe ngokuthi kube namabhanoyi abenethimba labesifazane kuphela kusukela kukaputeni kuze kuyofinyelela ethimbeni elisebenza ngaphakathi ebhanoyini.
Lokhu bekuyingxenye yomkhankaso wabo ohambisana nomongo wale nyanga iFly High #NdizaNtombazane, Fly High Girl!
Umpheki, uPamella Khumalo, weChef Pam ubehlanganise abesifazane abehlukene eHillcrest, eThekwini, ukuze bazocobelelana ngezinto abangazenza ukuze bazivulele amathuba omsebenzi.
“Ngibuke ukuthi ukuhlangana sidle kuphela ngeke kumnikeze isisombulolu sesikhathi eside umuntu wesifazane, ngase ngikhetha ukuthi isidlo sihambisane nokuthi kube nezikhulumi ezizosicobelela ngamathuba akhona kuwo okukhona awezolimo. Inhloso wukuthi sikwazi ukuvula amathuba omsebenzi njengoba izwe lethu libhekene nengwadla yokushoda kwemisebenzi,” kusho yena.
Umsunguli kamasingcwabisane Icebolethu Group, uNkk Nomfundo Mcoyi, uhlanganise abantu besifazane ebeluleka ngokuphathwa kwemali njengoba izinto sezibiza. Umcimbi ububanjelwe eMhlanga.