NKOSIKHONA CELE
UKHALA ngomgomo wamabandla ehlukene wokuthi kumele owesilisa abe ngoganiweyo ngaphambi kokuba agcotshwe ngokusemthethweni ukuthi abe ngumfundisi.
UMfundisi Sphamandla Jwara oyiNhloko yebandla iThe Light of Seven Army, odume ngelika5G, uthi lo mgomo uwubona udinga ukubuyekezwa kabusha.
Ubuza ukuthi kwenziwe njani uma umuntu kubonakala ugcobo kuyena nokuthi uyawuthanda umsebenzi kaNkulunkulu kodwa engaganiwe?
Uveze ukuthi ebandleni aliholayo benza okuhlukile kulokhu okulindelekile. Isizathu salokhu uthe ukholwa ukuthi akumele kube khona into evimba othile ukuba agcotshelwe kwesobufundisi, inqobo nje uma ebonakala emsebenzela ngeqiniso uNkulunkulu.
"Kuleli bandla siyambeka umuntu kwesobufundisi ngale kokubheka ukuthi ngabe uganiwe noma cha. Lokhu sikwenza ngoba phambili sibeka indaba yokuthi loyo esimgcobayo uthembeke kangakanani ebandleni,'' usho kanjena uJwara.
Ugcizelele ukuthi kuleli bandla basazoqhubeka ngendlela ebebevele beyisebenzisa ngoba bakholwa ukuthi iyabasebenzela.
"Alikho nelincane iphutha ekugcotshweni kowesilisa ongaganiwe. Uma sikhuluma iqiniso, ugcobo lukaNkulunkulu aluhambi ngokuthi unaye noma cha umakoti,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi banezinhlelo zokukhuthaza ezemfundo kubantu abasha babo ngoba bayakholelwa kakhulu ekutheni bayikusasa eliqhakazile lebandla.
"Siyabathanda kakhulu abantu bethu abasha futhi siyazi ukuthi kumqoka kangakanani ukunakekelwa kwabo kuleli bandla,'' usho kanjena.
Leli bandla laziwa ngezinhlelo zalo ezahlukene nezihlabahlosile elisuke lihlose ngazo ukuthuthukisa umphakathi ngezindlela ezahlukene.
Liye lihambisele abaswele ukudla liphinde liklame indima enkulu kwezemfundo.