IBANDLA iGod’s Mountain Church International (GMCI) lihlose ukunikezela ngohlobo lwemfundo enobuNgcwele futhi enezimpande ezijulile zobuKhristu ngesikole esisungulile, iGMCI School of Excellence.
Lokhu kudalulwe wumholi waleli bandla elinesizinda KwaNongoma, uMphostoli Fikile Ndaba.
UMphostoli Ndaba uthe lesi sikole samabanga aphansi singaphansi koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Inhlosongqangi yaso ukunikezela ngemfundo esemgangathweni ebantwaneni abancane kodwa bebe bengachezukile emigomweni kaKhristu.
Uthe ukholwa ukuthi imfundo noNkulunkulu yizona zinto eziwumgogodla omkhulu wabantu abasha abaphila kulesi sizukulwane.
"Umthandazo yinto emqoka kakhulu kubafundi bethu esibakhumbuzayo ngayo njalo. Sithi sibafundisa kodwa sibe sibakhumbuza ngokuthi uNkulunkulu uyena onamandla empilweni yabo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi ngenxa yokuguquka kakhulu kwezikhathi, babone kungcono ukuba zibe khona nezifundo ezihambisana nokuguquka kwesikhathi.
Ubalule ukuthi kunezifundo zeRobotics and Coding nezinye ezimqoka kakhulu okuhloswe ngazo ukuthi abafundi bahambisane nesigaba sempilo iNingizimu Afrika ekusona njengamanje.
Leli bandla linezinhlelo eziningi futhi ezihlabahlosile elisuke lihlose ngazo ukuthuthukisa umphakathi elikuwona.
Ezinye zazo zifaka phakathi uhlelo lokunakekelwa kwabantu abadala bakule ndawo.
Muva nje belinengqungquthela enkulu yabantu besifazane ebikhona esizindeni salo.
Uveze nokuthi zikhona izifundo ezimayelana nokuthuthukiswa kwamakhono ezisohlelweni lokufunda kulesi sikole.
Leli bandla libuye linikelele abaswele lisebenzisa inhlangano engenzi nzuzo iFikile Ndaba Foundation.