ABEBANDLA elaziwa ngokuthi yikwaHlabazihlangane, iCorinthians Church of South Africa, bayaziqhelelanisa nesigameko sokulimala kowesifazane ethandazelwa esontweni eliseNanda, eThekwini.
Isolezwe ngeledlule libike ngesigameko esehlela uNksz Thabisile Ntombela othi walimala iso ethandazelwa esontweni, iKuthuleni Zion Church, umphathi walo owathi lingaphansi kwebandla lakwaHlabazihlangane.
UNksz Ntombela uthe waya kuleli sonto ngoba wayehlushwa amaphupho, eyocela usizo ukuze izinto zakhe zizokhanya. Wathi akazi ukuthi kwenzekani kodwa wazithola esedonswa phakathi kwendilinga, eshaywa ngezitembu emhlane, bemjikijela naphansi. Yize wayesekhala, ebakhuza ngoba babemlimaza kodwa bakushaya indiva lokho kwaze kwalamula ukubona ukuthi iso lakhe seliyopha.
Waya emtholampilo, wadluliselwa esibhedlela eMcCord e-Overport lapho udokotela owamhlola wathi ayikho enye indlela abangenza ngayo ngaphandle kokuthi likhishwe iso.
UMbhishobhi Thuluzufe Mdlalose, obehamba nomfundisi uSiyabonga Bhengu, bavakashele iSolezwe izolo bethi bathunywe ngunobhala wehhovisi elikhulu likaHlabazihlangane, elaziwa ngokuthi yiNkanyezi eliseMlaza kwa-E.
UMdlalose uthe emuva kokubona udaba ephephandabeni Isolezwe, obeluphatha igama lebandla labo, babheke amabhuku abo bathola ukuthi leli bandla alikho ngaphansi kwabo futhi alibhalisiwe ngaphansi kwenhlangano yabo.
“Kuyenzeka ukuthi abantu bahlubuke ebandleni lethu kodwa baqhubeke nokuzibiza ngegama likaBaba uHlabazingane noma baqhubeke nokugqoka imifanekiso yebandla. Lokhu kwenza ukuthi ngisho nomphakathi ukholwe ukuthi siseyinto eyodwa futhi uma kwenzeka izimo ezinjengalezi kuyalona igama lethu,” kusho uMdlalose.
Udlulise ukuzwelana noNksz Ntombela, wamfisela ukwelulama okusheshayo.
Unobhala webandla, uNksz Jabulile Richmond, uthe amagatsha angaphansi kwabo anesitifiketi okuyisona esiqinisekisa ukuthi bangamalungu, wathi abangenaso abezi ezinkozweni ezinkulu lapho kukhulunywa khona ngenqubo yenkonzo nokugcina izimiso zayo.
“Lo mfundisi akuyena owethu futhi akekho emabhukwini ethu. Maningi amabandla asephumile asebenzisa imifanekiso negama lethu. Thina uma sithandaza sibeka isandla umuntu, asimshayi futhi asisebenzisi umoya wobungoma. Sikhonza uNkulunkulu,” kusho uNksz Richmond.
Intatheli izamile ukuthola ukuphawula komphathi webandla, eKuthuleni Zion Church, uNkk Nonkululeko Nxumalo kodwa ucingo lwabanjwa yindodakazi yakhe ethe ushiye umyalezo wokuthi njengoba udaba selusemaphoyiseni akukho abasazokuphawula.
UNksz Ntombela uthe uthole ukwesekwa okukhulu emva kokuvela kodaba lwakhe kuleli phephandaba.
“Ngibuye ngathola ukuthi amaphoyisa alisukumele icala lami emuva kokuthi kubhalwe ngodaba lwami. Abantu abaningi bangiduduzile nasezinkundleni zokuxhumana,” kusho uNksz Ntombela.
Uthe wabizwa yinyanga edumile, uDkt Khehlelezi, ngoba efuna ukugeza igama lakhe ngoba ezinkundleni zokuxhumana bese kuvela izindaba zokuthi walimalela esontweni lakhe.
“Izolo besisesontweni likaDkt Khehlelezi lapho ebengimemile ukuzothola kabanzi kodaba lwami, efuna nokungisiza.
Uthe ucela usizo lomnikelo oluzomlekelela ezindlekweni zokuhamba isibhedlela kanye nokuphila.