NKOSIKHONA CELE
Liqale unyaka ngokuthi lethule isakhiwo salo esisha elizokhonzela kusona kulo nyaka ibandla iFaith Church International.
Leli bandla eliholwa nguMphrofethi Siphamandla Khuzwayo, isakhiwo sisedolobheni eThekwini.
Ekhuluma enkonzweni uMphrofethi Khuzwayo uthe kuyinto emqoka ukuba amalungu ebandla akhonzele endaweni enesithunzi, wathi lokhu ukuze kwenzeke kungumthwalo wakhe njengomholi webandla kanjalo nawo wonke amalunga alo.
Uthe linesithunzi ibandla elikhonzela endaweni efanelekile. Uchaze lesi sakhiwo njengesidle imali eshisiwe kodwa wangathanda ukuyidalula.
"Kuyinto ejabulisayo kakhulu ukuthi namhlanje silapha esakhiweni esisha esesizokhonzela kusona. Kumqoka kakhulu ukuba lokhu kwenzeke ukuze ukukhonza kungeke kwakhinyabezwa yilutho,'' usho kanje.
Ngokusho kukaMphrofethi Khuzwayo, lesi sakhiwo siyingxenye yezinto ezahlukene leli bandla elizimisele ngokuthi lizenze ngempumelelo kulo nyaka.
Uthe bayibandla okuthi njalo uma kuqala unyaka bazibekele umgomo wokuthi yini abazoyenza.
Phakathi kwezinye zezinhlelo athe bazoqhubeka nazo kulo nyaka ukulekelwelwa kwabantu abantulayo. Lokhu uthe kuwumgomo oseqhulwni kubona njengebandla likaNkulunkulu.
Uthe lokhu bakwenza ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu Natal.
"Kuleli bandla sikholwa ukuthi ukukholwa kwethu kumele kubonakale ngezenzo. Yilokhu ke nathi esikwenzayo. Kuhle ukushumayela kodwa uma kunesidiingo sokusiza kumele ibandla likaNkulunkulu libonakale likwenza lokho,'' usho kanje.
Udalule ukuthi kulo nyaka ibandla lizoqhubeka nokuthi lilekelele ngomfaniswano wesikole abantwana abaphuma emindenini ehlwempu.
Uthe kuzokube kungunyaka wesikhombisa lokhu bekwenza.
Ukhulume nangohlelo lokudodiswa kwezinsizwa zebandla waluchaza njengolumqoka kakhulu.
Mayelana nezamabhizinisi uthe ibandla likaNkulunkulu lingaba yindawo engcono kakhulu uma kungase kwande isibalo samakholwa angosomabhizinisi.
Wathi lokhu bazokukhuthaza kakhulu nakubona njengebandla.