LIHLONIPHE abaholi balo bangaphambilini ibandla lama-Afrika ngokuthi lakhe liqede isakhiwo salo seSekethe eMbali, eMgungundlovu.
Lokhu kuvezwe yiNhloko yebandla, uMfu Nkosinathi Hlomuka ngesikhathi kunendumezulu yenkonzo yokuvulwa kwalesi sakhiwo.
UHlomuka uveze ukuthi indawo okwakhiwe kuyona lesi sakhiwo yayikade ithengwe nguMfu Bhukuda Gwala, ongasekho emhlabeni.
"Kwakuyisifiso sakhe uGwala ukuthi kube khona isakhiwo sebandla kule ndawo,’’ echaza.
Uthe ngemuva kokuba esedlulile emhlabeni, owathatha izintambo zokuhola ibandla, uMfu Mthandeni Majola naye owagcina edlulile emhlabeni waqhubeka nokugqugquzela ukuthi siphothulwe lesi sakhiwo.
"Yingakho ngithe uma ngingena esikhundleni sokuhola leli bandla ngabona kungcono ukuba ngiwahloniphe lawa madoda ngokuthi ngenze isiqiniseko sokuthi ababekuqalile nakanjani kuyafezeka,'' echaza.
Uveze ukuthi leli bandla likubeka eqhulwini ngaso sonke isikhathi ukubaluleka kokuba libe nezindawo zokukhonzela ezisemgangathweni.
Lokhu uthe kwaba ngumyalelo owawuvela kumsunguli webandla naye osalala kobandayo uMfu Gadner Mvuyane.
UMfu Lumko Baleni weSekethe yaseMgungundlovu uthe kuyabajabulisa ukuthi ekugcineni sebezoba nesakhiwo abakhonzela kusona ngokukhululeka kule Sekethe.
Uveze ukuthi bese kuphele isikhathi esingangeminyaka engu-288 bekhonzela ezikoleni.
IMeya yesiFunda saseMgungundlovu, uMnuz Muziwokuthula Zuma ulincomile leli bandla ngokuqiniksekisa ukuthi amalungu alo liwakhela izakhiwo zebandla.
Uthembise ukuphosa esivivaneni ukuze kuzoqhubeka umsebenzi omuhle athe ubonakala wenziwa ngabaholi bebandla ngokubambisana namalungu alo.