NKOSIKHONA CELE
SIDLE uR400 000 isakhiwo sebandla i-The African Congregational Church esiseNewcastle.
Lokhu kuvezwe ngumengameli waleli bandla, uMfu Nkosinathi Hlomuka, ngesikhathi ekhuluma kabanzi ngomsebenzi omuhle athe wenziwa ngamalungu ebandla aqokelele imali yokwakhiwa kwezakhiwo zalo.
UMfu Hlomuka uthe ibandla labo lisembhidlangweni wokuqinisekisa ukuthi iyaphela nje nya indaba yamalungu abo akhonzela ezikoleni nasemizini yabantu.
“Siyibandla elikwazisa kakhulu ukubaluleka kwezakhiwo kubazalwane bethu. Yingakho sifuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abazalwane bakhonza kahle ezindaweni abazithakaselayo nabazizwa bekhululekile uma bekuzona,’’ usho kanje.
Eqhuba uMfu Hlomuka, uthe bazobhukula kakhulu ngoba eminyakeni embalwa ezayo bafuna ukuthi libe lingekho nelilodwa igatsha laleli bandla okukhulunywa indaba yokuthi lisashoda ngendawo yokukhonza.
Udalule ukuthi wonke amasekethe asenazo izakhiwo zokukhonzela. Lokho wakuchaza njengento enhle kakhulu, wancoma kakhulu ukusebenza ngokuzikhandla okukhulu athe kubonakaliswa ngamalungu ebandla njalo uma kukhulunywa ngokubaluleka kokwakhiwa kwezakhiwo zebandla.
“Okuyikhona okusijabulisayo ukuthi wonke amasekethe esinawo asekhonza ezindlini zawo. Lokho kuchaza ukuthi mkhulu umsebenzi esiwenzile njengebandla,’’ usho kanjena.
Njengamanje, uMfu Hlomuka, uthe bamatasa nezakhiwo zamagatsha. Uthe bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi wonke amagatsha ebandla ayakhelwa izakhiwo.
Ukuvulwa kwendlu yegatsha laseNewcastle bekukade kuhlanganiswe nengqungquthela yamadoda eba khona minyaka yonke njalo ngalesi sikhathi sonyaka.
Isiqubulo sengqungquthela yamadoda yakulokhu besithi: “Indoda ehamba noNkulunkulu iyaphumelela!”
UMnuz Dumisane Magudulela ongunobhala eHhovisi likaMengameli webandla ophinde abe nguMxhumanisi webandla lama-Afrika, uchaze ingqungquthela yamadoda njengebalulekile kakhulu.