UMASIPALA weTheku usuveze ukuthi uyibeke eqhulwini indaba yokuhlinzekwa kwamanzi ethinta izindawo eziningi zedolobha, okuhlanganisa neyasesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlaza.
Umasipala usho kanje ngesikhathi ngoMsombuluko kube nombhikisho, lapho inhlangano iPublic Servants Association (PSA) ibikhalaza ngaphandle kwamasango esibhedlela iPrince Mshiyeni, eMlaza. Bekungenxa yenkinga yamanzi okuthiwe isixake kwaze kwaphela amasonto amathathu.
Akuyona kuphela indawo yaseMlaza okukhalwa ngayo ngamanzi njengoba naKwaMashu esigcemeni sakwa-G, kubikwa inkinga efanayo.
UMnuz Andile Gumbi waKwaMashu ekhuluma neSolezwe, uthe sekuphele iminyaka amanzi ebahlupha.
“Sikhuluma nje, awekho. Sekuphele iminyaka emithathu amanzi ahamba. Ahamba njalo ngo-8 ebusuku. Abuyile namhlanje ekuseni (esho izolo) kodwa aphinde ahamba. Ngihlezi ngibashayela ngibika ngale nkinga, kodwa ababuyeli kimi,” kusho uGumbi.
UMnuz Mongezi Bolofo waKwaMashu naye uthe alukho uhlelo umasipala onalo oluqondile abalwaziyo.
“Kumele engabe kunohlelo olwaziwayo ukuthi amanzi ahamba ngasiphi isikhathi, hhayi ukuthi avele aphele nje isigubhukane. Asisakwazi ukuhlela kahle ngenxa yale nkinga. Abanye abantu kumele benakekele iziguli emakhaya, bahlanze izindlu zabo, konke lokho akwenzeki ngenxa yokuthi uthi usahlela usuku lwakho uwafice esengasekho empompini. Ayibi bikho incazelo, basiphathisa okwezilwane,” usho kanje.
UMnuz Thulani Colleni uthe: “KwaNgoqokazi, eNanda, amanzi sawagcina ngezikhukhula zango-Ephreli 2022. Ikhansela lihlezi libiza umhlangano lithi kuzolungiswa kodwa akukho okwenzekayo futhi nezimoto ezithwala amanzi nazo azisezi.”
UMnuz Simphiwe Radebe yena uthe: “ENanda, eNhlungwane, usuphelile unyaka amanzi singawazi, kweminye imizi ayabuya, kweminye engabuyi. Kubi nje kakhulu.”
UMnuz Sanele Maphumulo yena uthe: “Kusukela ngo-2013, amanzi awekho eNanda ku-wadi-108. Sitshelwa ukuthi kuyabiza ukulungisa amapayipi. Bazidlela imali nje laba, izimoto ezithwala amanzi zizifikela ngesikhathi esithandwa yizona noma zingafiki.”
Abanye bathe eMlazi ka-Q naseLuganda, kunesimo esifanayo.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku, uthe uyibeke eqhulwini inselelo yokuhlinzekwa kwamanzi ethinta izindawo eziningi zedolobha, okuhlanganisa nesibhedlela iPrince Mshiyeni.
“Idolobha libhekene nokwenyuka kwesidingo samanzi selokhu kuqale isizini yasehlobo, okuholele ekutheni kube nomfutho ophansi kanye nokungatholakali kwamanzi ezindaweni ezibucayi kuzo zonke izinhlelo zokuphakelwa.
“Njengengxenye yemizamo ebumbene yokulungisa lesi simo ngokushesha, singaqinisekisa ukuthi amanzi aqale ukugeleza esibhedlela isikhashana nje namuhla (ngoMsombuluko), nokho ukungenelela ukuze kusimamiswe uhlelo lwabo akukapheleli. Ithimba likamasipala likhona futhi lizoqhubeka nokuqapha ukuhlinzekwa kwesibhedlela nezinye izindawo,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi: “Kubalulekile ukuqaphela ukuthi isidingo samanzi sihlala siphezulu kulo lonke idolobha. Lokhu kuvame kakhulu ezifundeni eziseningizimu nasenyakatho okwenziwa intuthuko kanye nokuncipha kokuphakelwa kwamanzi uMngeni-uThukela Water ngo-Okthoba, nyakenye.
“Isidingo samanzi njengamanje sidlula ukunikezwa kwamanzi cishe ngama-megalitha angu-100 ngosuku, okuholela enkingeni eyengeziwe ohlelweni naphezu kwezinyathelo zokungiwa kwamanzi ezikhona. Ukulawula isidingo, idolobha lizoqhubeka nokuhlinzeka ngezabelo ezindaweni ezinesidingo esikhulu.
“Okunye ukungenelela kubandakanya ukuhlonza nokulungisa izindawo ezivuzayo kanye nokuhlola wonke ama-valve okulawula nokulungisa nokuwafaka esikhundleni lapho kudingeka khona. Izakhamuzi nosomabhizinisi bayanxuswa ukuthi basebenzise amanzi ngokuwonga,” sisho kanje isitatimende.