INHLANGANO elwa nenkohlakalo ethinta intela, i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), isizwakalise ukukhathazeka ukuthi uhulumeni angase anyuse intela kaphethroli ukuze akhokhe isikweletu sama-e-tolls.
Lezi zindaba zivezwe yisikhulu esiphezulu se-Outa, uMnuz Wayne Duvenage.
Uthe njengoba ungqongqoshe wezezimali ezokwethula isabelomali saphakathi nonyaka, balindele ukuthi amemezele ukuqedwa kwama-e-tolls.
“Sesizwile ukuthi uhulumeni uhlela ukuqeda ngama-e-tolls, okusikhathazayo wukuthi angase anyuse intela kaphethroli ukuze akwazi ukungenisa imali yokukhokha isikweletu sama-e-tolls. Sasicelile eminyakeni ewu-10 edlule ukuthi asebenzise intela kaphethroli ukusikhokha kodwa uhulumeni akazange asilalele,” kusho uDuvenage.
Uthe njengamanje kuzoba wumqansa emahlombe abantu uma uhulumeni enyusa intela kaphethroli ngoba vele bathwele kanzima ngenxa yokubiza kwempilo eNingizimu Afrika.
“Besifisa ukuthi uhulumeni aqhubeke nokunika iSouth African National Roads Agency Limited (Sanral) isibonelelo ukuze ikwazi ukukhokha isikweletu sama-e-tolls ngoba ukunyusa intela kaphethroli kuzokwandisa ijoka elithwele ngabantu bakuleli,” kusho uDuvenage.
Ukhale ngokuthi intela kaphethroli imba eqolo njengamanje futhi ifakwa kwiRoad Accident Fund ehlulekayo wukuyiphatha kahle nokusiza ngesikhathi abantu abasuke belimele ezingozini zomgwaqo.