IBHANGE lombuso, i-South African Reserve Bank, lihlawulise amabhange aphula umthetho izigidi njengoba lisemkhankasweni wokuvikela abantu bakuleli.
ISarb imemezele ukuthi iPrudential Authority (PA) okuwuphiko lwayo oluqapha ngeso lokhozi ukusebenza kwezikhungo ezisebenza ngemali luhlawulise i-HSBC Bank Plc u-R9.5 million ngokungalandeli umthetho iFinancial Intelligence Centre (FIC) Act 38 ka-2001. Kule nhlawulo kulengiswe uR4 million izinyanga eziwu-36 kusukela ngoJuni 10 walo nyaka.
I-PA ithe iHSBC iye yasebenzisana nayo ngesikhathi iphenywa, yalungisa izinkinga obekukhalwa ngazo.
Ibuye yahlawulisa iBidvest Bank uR5 million ngokungalandeli isigaba 38 seFIC Act.
Kulesi sigwebo uR2.5 million ulengisiwe izinyanga eziwu-12 kusukela ngo-Agasti 23 2024.
I-PA idonse ngendlebe izinkampani ezihlawulisiwe ukuba zingatholakali zenza amacala afanayo ngoba uma ziwaphinda zizojeziswa kanzima.
NgoSepthemba iSarb ihlawulise i-Old Mutual uR10 million ngokungalandeli imibandela ethize ngaphansi kweFIC Act.
Lesi sigwebo besiwu-R15.9 million kodwa kwalengiswa uR5.9 million izinyanga eziwu-36.
ISarb ithe iPA inamandla okuqapha zonke izikhungo ezisebenza ngemali ezingaphansi kweso layo ukuze ivikele abantu baseNingizimu Afrika.
Ithe izinhlelo zokuqapha zonke izikhungo ezingaphansi kweso layo ziyaqhubeka njalo futhi izinkampani ezisuke ziphenywa ziyasebenzisana nayo, zilungise lokho okusuke kukhalwe ngakho bese zikhokha nenhlawulo.