ZIYANDA izinkinga ezibhekene ne-ANC njengoba i-SACP isitshele le nhlangano ukuthi izimisele ukungenela ukhetho ngokuzimela ngo-2026.
Lokhu kuvezwe nguNobhala jikelele wamaKhomanisi uMnuz Solly Mapaila, izolo esithangamini nabezindaba.
AmaKhomanisi abenomhlangano wekomiti eliphezulu wokuhlelela ingqungquthela eyisipesheli ezoba ngoDisemba 11 kuya kuDisemba 14, eBirchwood Hotel eGoli.
UMapaila uchazele izintatheli ngabakuxoxa nobuholi be-ANC.
“Lo mhlangano ne-ANC wathatha cishe uhhafu wosuku. Siyazisile i-ANC ukuthi sizimisele ukungenela ukhetho sisodwa. Sigcine sivumelene ngokuthi kumele sibuye sihlangane ngaphambi kokuphela kukaJanuwari, wonyaka ozayo ukuze sixoxe kabanzi,” kusho uMapaila.
Usho lokhu nje akuqali ukuthi le nhlangano isabise ngokuthi izongenela ukhetho ngokuzimela ngoba ingeneme ngezinto ezithile.
AmaKhomanisi asabisa ngalokhu nje, i-ANC isenkingeni kulandela ukwehlelwa ukwesekwa okhethweni lwalo nyaka lukazwelonke.
Ukufika kweMK kwehlise ukwesekwa kwe-ANC kuzwelonke kwathi KwaZulu-Natal, yaphuma emandleni.
IKZN isiphethwe ngokuhlanganyela namanye amaqembu okubalwa i-ANC, IFP, DA neNFP. Esikandunankulu siphethwe yi-IFP.
AmaKhomanisi ahlale evota ngokuhlanganyela ne-ANC okhethweni.
Uma egcina engenela ukhetho, lokhu kuyosho ukuthi i-ANC izoqhubeka nokulahlekelwa ukwesekwa.
“Sathatha isinqumo sokungenela ukhetho sisodwa ngonyaka odlule, kodwa sabuye sasimisa savota ne-ANC. Siyalungenela nakanjani ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026,” kugcizelela uMapaila.
UMapaila ubuye wakhala ngezinto ezihlupha abantu okuyindlala, ukungasebenzi, ubugebengu, udlame olubhekiswe kwabesifazane, nezinye.
Ubalule ukuthi bafuna uqhubeke umthetho wezikole osayiniwe iBela okunomsindo ngawo.
“Sifuna uqhubeke nomthetho womshwalense wezempilo. Sifuna le mithetho iqale isebenze ngokushesha.”
Umengameli Cyril Ramaphosa ekhuluma izolo eThabazimbi eLimpopo, lapho bekunerali njengoba kulungiselelwa ukhetho lokuchibiyela kulandela ukuhlakazwa komkhandlu, uthe uma kuphela le nyanga singekho isivumelwano ngolwe-Bela, bazoqhubeka nalo mthetho njengoba unjalo.
Uthe isivumelwano esisayinwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, nenhlangano iSolidarity, asinamthelela ezinhlelweni eziqhubekayo zokuzama ukuthola isisombululo odabeni lwalo mthetho.
“Ngisamile ekutheni uma kuphela uDisemba, singekho isivumelwano mayelana nalo mthetho njengoba ngamisa okwesikhashana ukusebenza kwezigatshana ezimbili, uzoqhubeka njengoba wasayinwa. Ngifuna kulandelwe imigomo eqondile ukuthola isisombululo esithinta lo mthetho,” kusho uRamaphosa.
Inkulu ingcindezi yokuthi lo mthetho uqale usebenze njengoba unjalo ezinhlakeni ezehlukene ezihambisana nawo.