ISABISA uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ngokuthi kukhulu okuzayo inyunyana yabasebenzi iPublic Servants Association (PSA), uma uhulumeni ehluleka ukukhuphula amaholo ngo-6.5%.
Amalungu enyunyana izolo amashe emadolobheni amakhulu ezweni, efuna uRamaphosa abuye emazweni azolungisa isimo njengoba ethi abasebenzi bakahulumeni babhuqwa yindlala.
UMnuz Mlungisi Ndlovu, wePSA KwaZulu-Natal, uthe bamashele eCity Hall eThekwini, wathi inhloso yabo ukuthi bafuna umengameli alungise isimo njengoba selokhu angena esihlalweni, abasebenzi babhuqwa yindlala.
Uthe bafuna axoshe ongqongqoshe bakhe, owezimali uMnuz Enoch Godongwana, nobambile emnyangweni wezisebenzi zikahulumeni uMnuz Thulas Nxesi, wathi bobabili bakhohliwe abasebenzi.
“Labo ngqongqoshe babelwela abasebenzi kodwa manje sebehamba ngezimoto ezinkulu, sebekhohliwe wusizi lwabasebenzi. Sidlulise uhlu ehhovisi likandunankulu ukuze liludlulisele kumengameli ngoba sifuna kungabukelwa phansi abasebenzi,” kuchaza uNdlovu.
Uxwayise ngokuthi imashi yayizolo iyisiqalo futhi kukhulu okuzayo.
“Uma uhulumeni eqhubeka nokungasinaki, kukhulu okuzayo ngoba sizovala thaqa izwe. Asidlelani namaqembu ezombusazwe ngakho asifuni ukubukelwa phansi ngoba kusazoshuba,” kuxwayisa uNdlovu.
Uthe bayawuchitha lo-3% okunyuswe ngawo amaholo wathi abasebenzi abakwazi ukuthenga ngisho isinkwa kodwa ongqongqoshe bakhokhelwa amanzi nogesi nguhulumeni.
“Asiyifuni imali efakiwe sifuna u-6.5%. Sehlile sisuka ku-10% kodwa uhulumeni akanyakazi kulo-3% athe uzowufaka ngenkani ngesonto elizayo.”
Uqhube wathi abasebenzi abenza yonke into ezweni kodwa abakwazi ukukhokhela izindlu, izimoto noma ukuyisa izingane ezikoleni ezingcono.
“Kumele uhulumeni azihloniphe izivumelwano ezithinta amaholo ngoba yiyona nto esayilwela lena. Abaholi abanjengoChris Hani abafelanga ukuthi sixhashazwe. Uma uRamaphosa efuna izinto ziqhubeke kanje, ngeke kube nokuthula kuhulumeni, abasebenzi bazohlala besesitelekeni.”
UMnuz Simon Hlungwani weCosatu, ugxeke uNxesi ngokubukela phansi izingxoxo wathi bawufake ngenkani u-3% wamaholo ekubeni bazi kahle ukuthi abasebenzi bawuchithile.
Ukhale ngokuthi uhulumeni ubabukela phansi ngokuthi ababizele ezingxoxweni zamaholo zangonyaka ozayo ekubeni kusanenkinga amaholo angalo nyaka.
Akubikwanga kuphazamiseka ezindaweni eziningi okubalwa nezikole ebezibhalisa izivivinyo zikamatric.