INYUNYANA yamaphoyisa i-Police and Prisons Civil Rights Union, isigxeke okushiwo uphiko olubhekelele ukuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) mayelana nokuqothwa kwabasolwa ngobugebengu okwenziwa ngamaphoyisa.
Okhulumela i-Ipid, uMnuz Robbie Raburabu, ucashunwe ngabezindaba eveza ukuthi bakhathazekile ngendlela amaphoyisa aqotha ngayo abasolwa ngobugebengu KwaZulu-Natal, njengoba esikhathini esiyizinsuku ezingu-30 kuphela, sekudutshulwe abangu-19 ezigamekweni eziyisikhombisa ezehlukene ezenzeke kuMasipala weTheku.
Kwesinye isigameko esenzeke eNtuzuma ngenyanga edlule, kushone kuso iphoyisa elinye langeniswa esibhedlela lilimele ngesikhathi amaphoyisa kuthiwa ayedubulana nezigebengu, okwashona ngasohlangothini lwazo abantu abane. Kwesakamuva, amaphoyisa ophiko lwe-National Intervention (NIU) Unit okuthiwa abedutshulwa, aqothe abahlanu eNanda okusolakala ukuthi bahlalise lubhojozi umphakathi. URaburabu uthe zonke izigameko ziphenywa yilolu phiko.
Ucashunwe ethi ukudutshulwa kwabasolwa ngobugebengu ngamaphoyisa kukhumbuza indlela eyayisetshenziswa ngamaphoyisa eyibhekise kubantu abansundu ngesikhathi sobandlululo.
Le nkulumo icasule inyunyana i-Popcru njengoba ithi inobudedengu futhi ibukela phansi ukubulawa kwamaphoyisa nabantu abamsulwa bakuleli.
Okhulumela iPopcru kuzwelonke, uMnuz Richard Mamabolo, ekhuluma neSolezwe ngalolu daba, izolo njengoba kuqhubeka ingqungquthela yokukhetha ubuholi bayo eThekwini, uthe bazohlela ukuhlangana nenhloko ye-Ipid, ukubhunga ngalolu daba.
“Phakathi kuka-Ephreli noJuni kulo nyaka, bangu-6 228 abantu ababulawe yizigebengu, kanti angu-69 amaphoyisa asefe ngendlela efanayo selokhu kuqale unyaka. Amanye kudingeke ayeke umsebenzi ngenxa yokulimala okwenzeka ngesikhathi ehlelwa yilezi zigameko,” usho kanje.
Uthe isizathu sokuthi kube nophenyo uma kunezigameko ezifuze lezi, ukuthi i-Ipid ithole ukuthi amaphoyisa asebenze ngokomthetho ngesikhathi edubula. Uthe nakuba bekuqonda ukuthi umsebenzi we-Ipid ukuphenya izikhalo ngokusebenza kwamaphoyisa, kodwa emacaleni abawaphenyayo bathatha isikhathi ukuwaphothula okukhombisa ukungazikhandli ngomsebenzi wabo.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ekhuluma namaphoyisa kule ngqungquthela, ugcizelele ukuthi kumele azivikele ezigebengwini.
“Lokhu kwenzeni ngokuhambisana nomthetho. Ayikho enye indlela iphoyisa elingenza ngayo uma lidutshulwa, kumele libuyisele ngendlela efanayo. Nithenjwe ngokuthi nivikele umphakathi, nani nizivikele. Sizosebenzisana neziphathimandla emaphoyiseni ukuqinisekisa ukuqeqeshwa kwamaphoyisa ekutheni azivikele kanjani uma ebhekene nobungozi,” usho kanje.
Imizamo yokuthola uRaburabu we-IPid ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela imibuzo athunyelwe yona engakayiphenduli.