Amalungu eqembu oMkhonto Wesizwe Party asenqume ukuyothatha izindawo zawo ePhalamende ngemuva kokuduba ukufungiswa nomhlangano wokuqala ngoLwesihlanu.
I-MK ithole izihlalo ezingu-58 ngemuva kokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29.
Leli qembu laduba ukuya ePhalamande ngoba lingayemukeli imiphumela yokhetho ngoba likhala ngokuthi kwaba nokukhwatshaniswa kwamavoti futhi kunokungahambanga kahle.
Umholi weMK, uJacob Zuma, esitatimenndeni esifundwe ngumkhulumeli weqembu uNhlamulo Ndhlela esithangamini nabezindaba eGoli ngeSonto ebusuku, uthe ngemuva kokuthola ukwalulekwa kwezomthetho, iqembu lizothatha indawo yalo ePhalamende.
“Sizoqhubeka sikhulume ngenkinga yokukhwatshaniswa kwemiphumela yokhetho ngaphakathi ePhalamende. Ngesikhathi esifanayo sizoqinisa imikhankaso ezinkantolo nezinye izindlela ezisemthethweni ngaphandle. Ukuteleka kuzoqhubeka ngezinye izindlela. Ziningi izimpi ezizayo ezihlanganisa ukushintshwa kwendlela yokuvota echemile ne-IEC echemile,” kusho uZuma.
Uthe uyalele ithimba labo lezomthetho ukuthi lenze isiqiniseko sokuthi ubulungiswa buyenzeka ngisho nangaphandle kwakuleli ngoba ngeke bavume ukuthi kwebiwe amavoti eqembu.
Ummeli weqembu u-Advocate Dali Mpofu uthe leli qembu selibe senkantolo amahlandla angu-11 ezinyangeni ezintathu ezedlule.
UMpofu uthe bazobheka kakhulu amacala achithwe eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze imiphumela yokhetho ichithwe bese kuvotwa kabusha ezinsukwini ezingu-90. Elinye ngelithinta ukukhishwa kukaZuma ohlwini lwabantu abazomela iqembu ePhalamande ngenxa yokuthi wagwetshwa ejele nathe akuhambisani nokwenziwa emazweni omhlaba.