UKUQEMBUKA kowayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma evula iqembu lakhe Umkhonto weSizwe, kushayele isipikili sokugcina ezinkingeni ezibhekene noKhongolose ikakhulu KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe abahlaziyi bezepolitiki abangeze nokuthi ezinye zezinkinga zikaKhongolose zidalwe ukuklwebhana nombango wangaphakathi, ukukhathala kwabantu ukuvotela into eyodwa, nokuhlukana kwangaphakathi.
Basho kanje kulandela ukuphefumula kukaSihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, othe i-ANC esifundazweni ifile, kudingeka yakhiwe kabusha.
Yize esho kanje uMantashe, kodwa ukuchithile ukuthi bazohlakaza ubuholi besifundazwe njengoba umlando wabafundisa ukungaxhamazeli bahlakaze ubuholi ngoba kuba nzima kakhulu uma usuwakha kabusha.
UNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uke wayithinta eyezinxushunxushu ngaphakathi nokufika kwe-MK njengezinto ezenze le nhlangano yehlelwa ukwesekwa.
I-MK ikhiphe i-ANC emandleni esifundazweni njengoba kuphethe uhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene.
Kuzwelonke i-MK iyiqembu eliphikisayo kanti yathola izihlalo ezingu-58 ePhalamende.
Umhlaziyi wezepolitiki oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe umdonsiswano wangaphakathi kwi-ANC nokuqembuka kukaZuma yikhona okudonsele amanzi ngomsele i-ANC.
Esifundazweni, uthe uZuma ube nomthelela ekutheni le nhlangano ilahlekelwe amandla.
“I-ANC yashaya isikhala ngokuyibukela phansi indaba yokushiya kukaZuma, kwakumele iyilawule ngendlela. Ukuhlukana kwangaphakathi ngezinye zezinto ezenze le nhlangano ishayeke kanje.”
Uthe kodwa izinkinga ze-ANC zaqala eminyakeni eyevile kwengu-10 edlule.
“Indaba yaqala engqungqutheleni yango-2007, yasePolokwane, lapho kwagqama khona ukwehlukana kuxoshwa owayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Thabo Mbeki. UZuma wathatha izintambo, kwathi uma eseshiya kwi-ANC wakhala ngokuthi i-ANC kaRamaphosa ayisafani. Lokhu kubhebhezele kakhulu izinkinga zale nhlangano, abantu bayishiya bahamba noZuma.”
USolwazi Siphamandla Zondi ongumhlaziyi ekhuluma nesiteshi sethelevishini, ubale ukufika kwe-MK nokwehlukana kwangaphakathi njengezinto ezilimaze le nhlangano.
Uthe abanye abantu sebekhathele ukuvotela abantu ababodwa yingakho babuye bavotela amanye amaqembu.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka eyevile ku-15 le nhlangano yehlelwa ukwesekwa.
“Ukuyamaniswa kwe-ANC nenkohlakalo, i-MK ngezinye zezinto ezenze le nhlangano yagajwa abavoti. I-MK izalwa yi-ANC kanjalo neCope okungamaqembu ayilimazile le nhlangano.”
Uthe ngisho emawadini abantu bayayilaxaza le nhlangano.