I-IFP neDA sebefinyelele esivumelwananeni abahlose ngaso ukuqumba phansi i-ANC okhethweni lokuchibiyela eWard 99 kuMasipala waseThekwini.
La maqembu asefinyelele esivumelwananeni sokuthi iDA ihoxe okhethweni lokuchibiyela lwangenyanga ezayo, ukuze inyuse amathuba e-IFP okunqoba.
Kuzokuba nokhetho lokuchibiyela kule wadi emva kokubulawa kwekhansela le-ANC, uMnuz Mnqobi Victor Molife.
Yize selokhu kwathi nhlo le wadi iphethwe yi-ANC, iDA ne-IFP bakholelwa ekutheni engaphenduka amatafula uma amaqembu aphikisayo engase asebenzisane.
Lokhu kuholele ekutheni ubuholi beDA ne-IFP bufinyelele kulesi sinqumo emhlanganweni obungenyanga eyedlule.
Lokhu kuhlaluke esithangamini sabezindaba ebesibizwe ngokuhlanganyela yila maqembu.
USihlalo weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, uthe banqume ukuhoxa ukuze benze isiqiniseko sokuthi i-ANC ayilivikeli iwadi.
"Kuyisinqumo esiphusile ukudedela i-IFP ngoba yiyona enamalungu amaningi kule wadi. Ngicabanga ukuthi ukuya phambili sizodedela loyo onamathuba amaningi okuwina, uma kunokhetho lokuchibiyela."
UMacpherson uthe bazokuya eWard 99 ukuyokwazisa amalungu abo ngokuhoxa kwabo.
Uthe yize bona behoxa kodwa ngeke baphoqe amalungu abo ukuthi avotele i-IFP.
"Abavoti banelungelo lokuzikhethela iqembu abafuna ukulivotela. Iqiniso wukuthi thina sithathe isinqumo sokuhoxa ngoba nakhu singafuni ukuthi i-ANC iwine. Sithathe lesi sinqumo ngokucabangela abavoti."
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe maningi amathuba okuthi balunqobe ukhetho lokuchibiyela lwangenyanga ezayo uma amaqembu aphikisayo angase abambisane.
UNtuli uthe ukuwina iWard 99 kungababeka emathubeni okuketula i-ANC kuMasipala weTheku.
I-ANC yaphuma ngembobo yenaliti ngesikhathi amaqembu aphikisayo ezama ukuyiqumba phansi kukhethwa ubuholi balo mkhandlu ngonyaka owedlule.
Yatakulwa ngamaqembu amancane ngemizuzu yokugcina, afinyelela esivumelwaneni sokusebenzisana nayo.
UNtuli uthe amanye amaqembu amancane asefuna ukusebenzisana nabo.
"Singalihlwitha iTheku uma singathola le wadi. Okunye okusemqondweni wethu yindaba yokubambisana emva kokhetho lwango-2024. Maningi amathuba okuthi lapha KwaZulu-Natal kuzokuba nohulumeni wokubambisana emva kwalolu khetho. Yingakho sifuna ukuthi amaqembu aphikisayo asebenzisane ukuze sizoxazulula izinkinga ezibhekene nabantu bakuleli."
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe asibethusi isivumelwano se-IFP neDA.
“I-IFP neDA kade baqala ukusebenzisana. Uma uzobheka imigomo yala maqembu amabili wonke asebenzela ukuvikela ongxiwa. Esingakusho nje wukuthi sikulungele ukubashaya behlangene.”
UMndebele uthe akaboni wonke amalungu eDA ezovotela i-IFP.