I-IFP ithi izobakhomba indlela abaholi bayo abazojutshwa ePhalamende naseziShayamthetho kodwa bafike bashaye udaka, bangawenzi umsebenzi njengoba ilungiselela ukhetho lohulumeni besekhaya lwango-2021.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uMgcinimafa we-IFP obuye aphathe izinhlelo zokhetho kuleli qembu, uMnuz Narend Sing uthe abaholi abazojutshwa ePhalamende bazosayiniswa amafomu azokala ukusebenza kwabo, okuyiwo azobhekwa ukuze kubonakale ukuthi basebenza kanjani.
“Bonke abantu okuzotholakala ukuthi abawenzi umsebenzi bazokhishwa ezikhundleni kufakwe abanye abantu.
Sibonisene futhi noNobhala-jikelele weqembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa njengoba sicabanga ukuthi lolu hlelo luqhutshwe ngisho nakomasipala,” kusho uSingh.
UMengameli we-IFP inkosi uMangosuthu Buthelezi uveze izolo ukuthi usazoqhubeka nokuba yilungu lePhalamende kuzwelonke kuze kube iqembu labo liba nengqungquthela kazwelonke ngaphambi kukaJulayi, okuyiyo ezonquma ngekusasa lakhe.
“Ngikucacisile izikhathi eziningi emphakathini ukuthi kuzokwenzakani, kanjani ngobuholi beqembu.
Ngaleyo ndlela akukho okuthusayo ukuthi ngesonto elizayo ngibuyela eCape Town ngiyofungiswa ukuba yilungu lePhalamende, ngaphambi kokuthi kube nengqungquthela kazwelonke yeqembu.
Ngisewumholi we-IFP. Futhi kumele ngiwenze umsebenzi ohambisana naleso sikhundla,” kusho uButhelezi.
Ukugcizelele ukuthi ngeke aze awungenele umbango wesikhundla sikamengameli weqembu engqungqutheleni yabo.
“Angikaze ngiqoke muntu ozongena esikhundleni sokuhola iqembu. Futhi ngeke ngize ngimqoke ngoba akuyona indlela yokusebenza leyo,” kusho uButhelezi.
Uqinise abalandeli bakhe idolo, wathi i-IFP ngeke ize ife noma engasekho yena ebuholini.
“Imiphumela yokhetho ikhombisa ubuhlakani beqembu ekusingatheni udaba lobuholi njengoba senza izinto ngokungaxhamazeli, sicathulisa amalungu ethu kancane kancane mayelana nohlelo lokushintsha ubuholi.
Kuyacaca ukuthi amaziko eqembu ajabule ngohlelo esilwenzayo lokushintsha ubuholi nokuthi ayabamukela ubuholi obuzongena buyise iqembu phambilini.
Ngicabanga ukuthi umbuzo usuphendulekile, i-IFP izoqhubeka nokuphila, phezu kwalokho futhi ibuyile,” kusho uButhelezi.
Umkhulumeli we-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa ubonge uButhelezi ngokuthwala umkhankaso weqembu phezu kokuba ebebhekene nesimo esinzima sokudlula emhlabeni kukaNdlunkulu wakhe * -Irene.
Izolo ubuholi be-IFP bubonge umphakathi ngokuwuvotela njengoba yenza kahle okhethweni yaze yaba ngisho iqembu eliphikisayo ngokusemthethweni KwaZulu-Natal lapho igudluze khona iDA .