IQEMBU eliphikisa ngokusemthethweni eSishayamthetho KwaZulu-Natal, i-IFP, liqome ukungavoti ngoba lizwelana neSilo odabeni lokuthi ngeke sisahlonishwa wumbutho wamaphoyisa uma kuvulwa isikhungo.
ISishayamthetho besivotela udaba lokuchibiyelwa, lokuthi isilo singabe sisahlonishwa ngamaphoyisa ngokuviliyela kodwa kube ngundunankulu kuphela owenzelwa lokho.
Phambilini bekujwayelekile ukuthi uma kuvulwa isishayamthetho kuqale iSilo uZwelithini kaBhekuzulu (ongasekho), sethule inkulumo bese kulandela undunankulu. Ingonyama ibihlonishwa ngomviliyelo wamaphoyisa eshaya amacilongo. Lokhu ngeke kusenzeka ngenxa yesichibiyelo esisha.
Lolu daba luke lwasusa umsindo abaningi bekhala ngokuthi kujivazwa isilo. Ilungu le-IFP eSishayamthetho uMnuz Blessed Gwala, litshele amalungu ukuthi ngeke babambe iqhaza.
“ Inkinga yethu isekutheni kuqalwa kuthiwe iSilo singayethuli inkulumo, esikhundleni sokuthi kuthiwe kufanele siyethule inkulumo. Uhulumeni ubukeka sengathi akahloniphi uma ekhuluma ngobuholi bendabuko. Lawa magama akhomba ukuthi babukela phansi ubuholi bomdabu,’’ kusho uGwala.
Uthe kuyoba wusuku olumuncu mhla kuhlonishwa undunankulu bese singahlonishwa isilo, lokhu ukufanise nokugcona uZulu wonke. UGwala uthe ingozi ekhona wukuthi uZulu angavuka indlobane alwe nalesi sinqumo, uhulumeni kuyomele agawule abheke.
UGwala uze wakhuluma ngomsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi ngeqhaza lakhe ebukhosini bukaZulu. Ukhale ngabathile abaqhubeka nokujikijela amagama kuShenge, bakhulume nangencwadi eyabhalwa nguMzala Nxumalo.
Kwenzeka lokhu nje, uyaqhubeka umbango wobukhosi bukaZulu futhi udaba luzongena eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngenyanga ezayo. Kubangwa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini okuthiwa uzogcotshwa maduze.